Kubhubhe ababili komunye futhi umlilo oqubuke eGoli

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Kushone abantu ababili komunye umlilo oqubuke ebhilidini lokuhlala enkabeni yeGoli.

Okhulumela abezimo eziphuthumayo eGoli uNana Radebe-Kgiba ukuqinisekisile lokhu ngeSonto ekuseni.

URadebe-Kgiba uthe abantu ababili batholwe beshonile njengoba kuqhubeka umkhankaso wokuthungatha nokuhlenga ku-Commissioner Street.

“Kuhlengwe umuntu oyedwa ophahleni lwebhilidi,” usho kanje.

URadebe-Kgiba uthe ithimba laseGoli le-EMS lithole ucingo mayelana nokusha kwebhilidi elisemgwaqeni u-Commissioner no-Nugget Street.

Abantu ababili bagxume besuka esitezi sesibili, kwahlengwa abathathu kuvulandi.

“Umsebenzi wokucishwa komlilo usaqhubeka ebhilidini elinezitezi ezimbili eligqabuke ilangabi ekuseni. Abantu abane bathuthelwe ezikhungweni zezempilo ukuze bathole usizo lwezempilo,” esho.

URadebe-Kgiba uthe umlilo ubhebhetheke ngokushesha okukhulu, waphazamisa amazinga ahlukene ebhilidi ngenxa yezinto ezishile ezisetshenzisiwe.

“I-EMS izokwenza uphenyo lokuqala ukuthola ukuthi yini edale umlilo ngemuva kokwenziwa kwezinhlelo zokucisha umlilo.”

Lona ngomunye wemililo eminingi ecekele phansi izakhiwo okuholele ekutheni kushone abantu enkabeni yedolobha laseGoli.

NgoMandulo nyakenye, kwashona abantu abangu-78 ngesikhathi kusha ibhilidi elise-Marshalltown. Abanye abaningana basuswa ezindaweni zabo.

Ikhomishini ephenya ngezimo eziholele kulowo mlilo isaqhubeka futhi iholwa nguJustice Sisi Khampepe.

Esithombeni esingenhla: Ibhilidi elishile lapho okushone khona abantu ababili enkabeni yedolobha laseGoli ngeSonto ekuseni.

Umthombo wesithombe: I-Johannesburg Emergency Management Services (EMS).

Izihloko zakamuva