Kutholwe isidumbu sosana sishisiwe kwimfucuza

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Abasebenzi bebematasa besebenza emgwaqeni uNgcwangi eLower Crossroads, ePhilippi East eKapa ngesikhathi bethola isidumbu sosana esishile lapho kulahlwa khona imfucuza ngokungemthetho.

Omunye umsebenzi uthe uthukile ngesikhathi omunye wozakwabo ehayiza ebabiza.

“Siqale sazitshela ukuthi ubona inyoka bengingazitsheli ukuthi ubona ingane. Siphuthumile nathi sasibona isidumbu sosana esishisiwe ngivele ngaphuka umoya.”

Noma ubani owenze lokhu, wenza into embi kakhulu emhlabeni ngoba umntwana umsulwa akanacala.

Abasebenzi abahlanza lendawo bathe amalungu omphakathi ahlala eduze kwendawo okulahlwa kuyo imfucuza ngokungemthetho akhulume ngowesifazane ofike ezolahla imfucuza wabe eseyishisa.

“Izakhamuzi zixakekile zazibuza ukuthi kungani eshisa imfucuza yakhe ngoba abantu vele balahla kulendawo, nguyena owabonakala eshisa udoti manje kuyacaca ukuthi uyena unina wengane,” kusho umsebenzi ohlanza lendawo enanela ngokuthi usana belibukeka linezinyanga ezimbili lizelwe.

“Angicabangi ukuthi lo wesifazane uqhamuka kule ndawo ngoba nezakhamuzi ezimbonile azimazi. Kuyacaca ukuthi akayena owalapha,” kusho umsebenzi.

Okhulumela amaphoyisa e-SAPS eWestern Cape, uSayitsheni Wesley Twigg, uthe amaphoyisa asePhilippi East abhalise icala lokufihlwa kosana oluzelwe ngemuva kokutholakala kwesidumbu sengane ebese sibolile.

“Njengamanje lesi sigameko siyaphenywa kodwa bekungakaboshwa muntu,” kusho uTwigg.

Isithombe esingenhla: Isidumbu sosana sitholwe abasebenzi endaweni yokulahla imfucuza engekho emthethweni ePhilippi East, eKapa.

Umthombo wesithombe: UBuziwe Nocuze

Izihloko zakamuva