UZuma utshele amakhosi ukuthi uKhongolose abadayisi abadala

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

OwayenguMengameli wezwe uMnu Jacob Zuma usetshele amakhosi ukuthi kumele asukume kukhishwe uKhongolose emandleni ngoba akawafuni futhi  uwalahle okwenyongo yenyathi.

UZuma ubekhuluma ngoLwesine emhlanganweni ojulile obekubhungwa kuwo ngesimo sezwe eNkandla lapho obekuhlangene khona amakhosi ezizwe ezahlukene abesuka ezifundazweni ezahlukene.

UZuma uthe indaba yonakala ngesikhathi kubuywa ekudingisweni nalapho amakhosi okwathi uma sekuyiwa ezingxoxweni zeCodesa ashawa ngesithende.

“Phela lo mbutho wasungulwa amakhosi ngoba efuna ukubuyisa umhlaba wawo owabe usuthathwe abamhlophe. Ahlangana ngo-1912 nezifundiswa nabefundisi akhipha umyalelo wokuthi akuqalwe nawu umbutho ozolwela ukubuyisa umhlaba wokhokho. Kuthe uma uKhongolose usuvalwa umlomo ngokuqhubeka kwesikhathi wabuya ekudingisweni usungasayingeni eyamakhosi kodwa sekukhonya osopolitiki. Inkinga basebethengwe abamhlophe. Yayingasakhulunywa ngisho eyokuthi umhlaba awubuyiselwe phela kubanikazi bawo okungamakhosi,” kusho uZuma.

Uqhube wathi naye akazishiyi ngaphandle kuleli phutha lokuthi bangena ezingxoxweni zokubuyisa izwe abangabe besayiphatha indaba yamakhosi.

Uthe kuyimanje konakele kakhulu ngoba uMengameli uCyril Ramaphosa akawafuni amakhosi futhi nemithetho abayishaya ephalamende abalokothi bawathinte bezwe uvo lawo.

Kulo mhlangano amakhosi avumele phezulu ukuthi akubuyelwe ezingxoxweni zango-1912 kuqalwe umbutho  ozokweza izwi lawo lizwakale ephalamende kuphinde kubuyiswe umhlaba kuwo.

“Makhosi akithi niyazi ukuthi uma kwenziwa imithetho anithintwa nhlobo.  Uma kwenzekile nathintwa bavele izethulo zenu bazilahle le bathi hhayi abame laba. Kuyimanje siphethwe umthetho wamaRoma kodwa singama-Afrika. Siphethwe yilo mthetho owafika wabekwa phezu kwamakhosi aphendulwa izinto ezingelutho. Le-Roman Dutch Law yiyo le evimba uMengameli ukuthi aphathe amahlandla noma amangaki uma abantu bakhe ezweni besawuthanda umsebenzi abenzela wona. Isikhathi sokuba sivotele umbutho ozochitha lo mthetho ukuze sibenowethu wama-Afrika ozohlonipha ubuholi bendabuko nabantu abamnyama,” kuqhuba uZuma.

Uthe umhlaba kumele ubeseqhulwini empini ebhekene neqembu elisha azolivotela okunguMkhonto weSizwe futhi kumele ubuyiselwe emakhosini nabantu bawo okuyibo abaphucwa umhlaba hhayi osopolitiki.

UZuma ucele amakhosi ukuba awuhlabe awulawule owokuthi abantu bawo abaphume ngobuningi ukuze kukhishwe uKhongolose emandleni kanye nobuholi bawo.

Amakhosi azibophezele ukuthi azosebenza noMkhonto weSizwe ngoba asewubona uyithemba lawo ukuba abuyelwe isithunzi.

Izihloko zakamuva