UCele usabisa ngokuveza amahlazo kaZuma

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

UNgqongqoshe wamaPhoyisa owake waba uSihlalo kaKhongolose eThekwini uMnuz Bheki Cele usesabise owayenguMengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma ngokuthi uma ekewazama ukuhlambalaza i-ANC uzoveza amahlazo akhe asekudingisweni.

UCele ukusho lokhu ekhuluma embuthanweni kaKhongolose wesifunda seTheku obusePinetown ngoLwesine.

Uthe njengoba uZuma ethi ufuna ukubembula izinqa nje umnika inselelo yokuba azame ngoba yena wazi izimfihlo ezimbi kabi zikaZuma zasekudingisweni.

“Njengoba ethi uzokhuluma nje ngithi akazame ngoba mina ngizomembula izinqa ngiveze wonke amahlazo akhe asekudingisweni. Ayikho into engingayazi ngoZuma ngoba wayenguKhomanda wami ekudingisweni sisondelene futhi ngangimgadile. Ngakho ngithi nje akazame phela khona ezobona,” kusho uCele.

Uthe uZuma akahambe angaphinde abuye kuKhongolose ngoba uyidlozi elibi. 

Uthe useyayikholwa le nkulumo ababehlale beyitshelwa uHarry Gwala ukuthi uZuma ungumdayisi.

Uthe uGwala wayengamfuni kabi uZuma ethi umdayisi oyimpungayehlathi.

Ukusho lokhu nje uZuma umile ekutheni uma bekebamthinta nje abantu bakaKhongolose uzobaphenya izinqa.

UCele uthe uZuma akabongi ekubeni esaqhubeka ehola imali engu-R3 million ngonyaka  njengoba ayenguMengameli.

“Lo muntu waba ingxenye yobuholi be-ANC kusuka ngo-1991 kodwa manje akasafuni abanye babengabaholi uselwa nabo. Uyazi ngiyakhumbula ngo-2006 exoshwa uThabo Mbeki. Ngathi ngiyamlwela wathi uDumsani Makhaye angiphume kuZuma ngoba isigebengu. Lo muntu waxosha U…ngo-2008 kodwa uma sekungaye useyalwa,” kusho uCele.

UCele selokhu axabana noZuma mhla emxosha engazelele esikhudleni sokuba uMkhuzi wamaphoyisa kuleli.

UCele wayekade elahlwe icala lenkohlakalo yebhilidi lekomkhulu lamaphoyisa KwaZulu-Natal nokwakufaka imali engu-R 1 billion. 

Waxoshwa eseMpumalanga ematasa nesivimbamgwaqo nokwathi esaqhubeka naso wezwa ngezintatheli ukuthi usexoshiwe.

Wavele washiya phansi umsebenzi wahamba.

Izihloko zakamuva