Ifagugu likaMandela lizofakwa endalini

Indodakazi endala kaNelson Mandela emshadweni wakhe wokuqala no-Evelyn Mase, uMakaziwe Mandela-Amuah kulindeleke ukuthi adayise izimpahla ezingu-70 zikayise ongasekho okuhlanganisa nomazisi wakhe.

Le ndali ehlelelwe ukuba ngomhlaka-22 kuNhlolanja ilandela ukunqoba kukaMandela-Amuah ngokusemthethweni i-South African Heritage Resources Agency (Sahra) obekuhloswe ngayo ukuvimbela ukudayiswa kwezinye zalezi zimpahla.

Le mpahla elinganiselwa ku-R56-million ihlanganisa noxhaxha lwezimpahla zikaMandela kusukela ezincwadini ayezibhala esejele kuya emidwebeni ayenza ngesikhathi eboshiwe.

Iphinde ibe nesipho esivela kulowo owayenguMengameli waseMelika uBarack Obama kanye nonkosikazi wakhe uMichelle kanye nomazisi kaMandela wango-1993, kubika i-TimesLive.

Kungenzeka futhi ukuthi kufakwe ukhiye wesitokisi sikaMandela sase-Robben Island nokuyinto elethe ukuphikisana kwizikhulu zakuleli.

Ekuqaleni le ndali yayihlelelwe ukuba ngomhlaka-28 kuMasingana ngo-2023, indali kaGuernsey yendlu ese-New York yabambezeleka ngenxa yokungaboni ngaso linye okuthinta umthetho neSahra. 

ISahra iyaphikisana nokudayiswa kwezinto ezingu-29 izibhekwa njengezinto eziyigugu likazwelonke.

Imali ezotholwa endalini izobekelwa ukwakhiwa kwendawo  yesikhumbuzo sikaMandela elibeni lakhe eQunu e-Eastern Cape.

Leyo ndawo izothathwa  njenge sikhumbuzo esikhuthazayo sethonya elikhulu likaMandela emhlabeni.

Luhlanganiswe nguMbhali we-Staff 

Esithombeni esingenhla: Incwadi kamazisi kaNelson Mandela.

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva