Ezemidlalo

I-Liverpool idlale ngokulingana ne-Man United yehlela endaweni yesithathu

I-Manchester United ihlezi esicongweni se-English Premier League (i-EPL) ngemuva kokubamba i-Liverpool ngeqanda eqandeni e-Anfield ngeSonto ebusuku.

ILeopards imangaze iPirates

IBlack Leopards imangaze iOrlando Pirates kowe-DStv Premiership ngesikhathi iyishaya ngamabili eqandeni e-Thohoyandou Stadium e-Limpopo ngeSonto ntambama. ILeopards idlale kahle kakhulu kulo mdlalo.

Isikhathi seqiniso ku-Liverpool ne-Manchester United

Kungumdlalo wesonto - mhlawumbe umdlalo wenyanga - abalandeli bebhola likanobhutshuzwayo emhlabeni wonke abalinde ukuwubona!

IPirates ifuna ukuzwisa i-Limpopo ubuhlungu obunzima

IOrlando Pirates izobe ibheke ukuthi yenze amahlandla amabili elandelana ukushaya amaqembu abusayo eLimpopo uma ihlangana neBlack Leopards ngeSonto.

Izinsuku ze-Currie Cup zihlehlisiwe

Izinsuku zomdlalo owandulela owamanqamu nowokugcina we-Carling Currie Cup zihlehliswe yi-SA Rugby ukulwa nosongo lwesifo se-Covid-19.

UPogba ubeke iMan United esicongweni se-Premier League

Umdlali wasesiswini uPaul Pogba ukubeke eceleni ukungaboni ngaso linye kwakhe neqembu lakhe iManchester United ngendlela emangalisayo ngoLwesibili washaya igoli lokuwina ngesikhathi bedlala neBurnley.

Ukubuya kukaNurkovic kusindise Amakhosi

Ukubuya kukaSamir "Kokota" Nurkovic kulethe ukumamatheka ebusweni beKaizer Chiefs ethembekile. Ngesikhathi eqala okokuqala kule sizini owase-Serbia ushaye igoli lokuwina ngesikhathi Amakhosi eshaya AmaZulu ngelilodwa eqandeni eThekwini ngoLwesithathu.

Nikezani iChiefs ikhefu kusho umlandeli weminyaka engamashumi amahlanu nanye

USaddam Maake uthi akaphatheki kabi ngokungenzi kahle kweqembu njengamanje.

UMiddendorp ubuyela e-FNB ukuzophula izinhliziyo zaMaKhosi

Ngesikhathi nje abalandeli be-Kaizer Chiefs besenomoya wokujabula ngokunqoba kweqembu labo phakathi nesonto kwi-CAF Champions League, lowo owayengumqeqeshi u-Ernst Middendorp wafika wabamoshela yonke into.

ISwallows ihlule iPirates ekhaya

ISwallows FC ikhombisile ukuthi kungani ihlale inamandla kowe-DStv Premiership kule sizini.

Recent articles