Ngesikhathi nje abalandeli be-Kaizer Chiefs besenomoya wokujabula ngokunqoba kweqembu labo phakathi nesonto kwi-CAF Champions League, lowo owayengumqeqeshi u-Ernst Middendorp wafika wabamoshela yonke into.
NgoMgqibelo lo mqeqeshi wase-German ufike e-FNB Stadium e-Soweto okokuqala selokhu axoshwa yi-Chiefs ekupheleni kwesizini edlule.
I-Maritzburg United kaMiddendorp ishaye Amakhosi ngamagoli amabili eqandeni ngegoli likaYudas Moseamedi elishaywe isiwombe sesibili.
Lesi yisiqalo esibi kakhulu se-Chiefs kunoma iyiphi isizini selokhu kwasungulwa i-Premier Soccer League ngowezi-1996.
Emidlalweni eyisishiyagalolunye yeligi Amakhosi asanqobe owodwa, adlala ngokulingana kwemine asehlulwa kwemine.
Okwenza izinto zibe zimbi kakhulu ukuthi abakanqobi ekhaya emidlalweni emihlanu yeligi abasayidlalile kuze kube yimanje.
Kuyo yonke imincintiswano badlale imidlalo eyisishiyagalolunye ekhaya.
Kowukuphela komdlalo abawunqobe ekhaya kuze kube yimanje, bashaye i-Maritzburg ngamagoli amabili kwelilodwa emdlalweni wabo wokuqala wesizini ku-Wafa Wafa ngoMfumfu.
Ukwehlulwa kwabo ngoMgqibelo kubashiye endaweni ebekelwe izembe ngesikhathi ukunqoba kwe-Maritzburg kubakhipha endaweni yokudonsa.
Kusazobonakala ukuthi umqeqeshi uGavin Hunt uzohlala isikhathi esingakanani naMakhosi uma eqhubeka kanjena.
Abaningi babikezele ukuthi ukuhlulwa noma yini engaphansi kokuwina emdlalweni wabo olandelayo kungasho ukuphela kukaHunt e-Naturena.
NgoLwesithathu ntambama Amakhosi azovakashela AmaZulu e-Jonsson Kings Park Stadium, eThekwini.
Usuthu luyiqembu elisha eliholwa nguBenni McCarthy.
NgeSonto baqhamuke negoli ukuze bathole iphuzu ekuhambeni kwi-Bloemfontein Celtic.
Emdlalweni wokugcina woSuthu ekhaya ngaphansi kukaMcCarthy banqoba ngamagoli amathathu kwelilodwa, beshaya i-Chippa United emdlalweni wabo wokugcina wango-2020.