Isikhathi seqiniso ku-Liverpool ne-Manchester United

Menzi Magubane

Kungumdlalo wesonto – mhlawumbe umdlalo wenyanga – abalandeli bebhola likanobhutshuzwayo emhlabeni wonke abalinde ukuwubona!

I-Liverpool, njengamanje ingeyesibili kwi-English Premier League, izobhekana ne-Tanchester United lapho izodlala khona neqembu eliphezulu etafuleni i-Manchester ngeSonto ngo-6.30 ntambama.

Lona ngumdlalo obalulekile kubo bobabili abaqeqeshi abazobe bezama ukudidizela omunye nomunye ukuthola amaphuzu aphezulu kakhulu adingekayo.

Abaningi abangaphansi kwengcindezi ngusomaqhinga wama-Reds, uJurgen Klopp ongakwazi ukulahlekelwa yilo mdlalo. Abadlaleli ekhaya kuphela, kodwa uma behlulwa bazoba semuva ngamaphuzu ayisithupha ku-United.

Ngisho nomgadli odumile we-Liverpool uRobbie Fowler uvumile ukuthi ingcindezi iseqenjini lakhe ayelidlalela ngalesi sikhathi.

“Kubaluleke kakhulu, ikakhulukazi kwi-Liverpool. Bazithola besalele emuva etafuleni futhi abafuni ukuqhubeka nokusala ngemuva,” kusho uFowler ku-Sky Sports.

Ama-Reds awakaze anqobe emidlalweni yawo emithathu edlule yeLigi. Emasontweni amabili edlule bahlulwe ngegoli elilodwa eqandeni yi-Southampton. Uma behlulwa kulokhu bazophakamisa i-Manchester City. I-Citizens isendaweni yesithathu ngephuzu elilodwa ngemuva kwe-Liverpool futhi inomdlalo esandleni. Uma i-City inqoba umdlalo wayo ekhaya ngeSonto idlala ne-Crystal Palace izobe isembangweni oqinile wesicoco.

Ngakolunye uhlangothi, ama-Red Devils ajabulela ifomu yabo engcono kakhulu kule sizini, ngokunqoba imidlalo yabo emithathu edlule.

U-Ole Gunnar Solskjaer we-United kumele ajabule ngendlela abafana bakhe abaphendula ngayo amaqhinga akhe.

Eminye imidlalo ye-EPL

NgoMgqibelo

Ama-Wolves azodlala ne-West Brom (e-Molineux Stadium, ngo-2.30pm); i-West Ham izodlala ne-Burnley (e-London Stadium, ngo-5pm); i-Leeds United izodlala ne-Brighton (e-Elland Stadium, ngo-5pm); I-Fulham izodlala ne-Chelsea (e-Craven Cottage, ngo-7.30pm); I-Leicester City izodlala ne-Southampton (e-King Power Stadium, ngo-10pm)

NgeSonto

I-Aston Villa izodlala ne-Everton (e-Villa Park, ngo-2pm); I-Sheffield United izodlala ne-Tottenham Hotspur (e-Bramall Lane, ngo-4pm); I-Manchester City izodlala ne-Crystal Palace (e-Etihad Stadium, ngo-9.15pm)

NgoMsombuluko

I-Arsenal izodlala ne-Newcastle United (e-Emirates Stadium, ngo-10pm).

Izihloko zakamuva