ISwallows FC ikhombisile ukuthi kungani ihlale inamandla kowe-DStv Premiership kule sizini. Le yisizini yokuqala yeSwallows ibuyela kwiligi yezicukuthwane kuleli ngemuva kweminyaka eyisithupha ingekho futhi sebevele benza ukuba khona kwabo kuzwakale.
IZinyoni zibambe iOrlando Pirates ngamagoli alinganayo ka-1-1 ngeSonto kowe-premiership e-Orlando Stadium emdlalweni wokuqala eSoweto. AmaBhakabhaka ahole ngomzuzu wama-85 ngenxa yokugadla kukaBen Motswari ngaphandle kwebhokisi.
Iqembu lasekhaya belinethemba lokuthi amaphuzu aphezulu azosala e-Orlando futhi ngenqubo sebeqedile umdlalo wokuhlulwa komakhelwane babo. Kodwa iSwallows ibikwazi kahle ukudlala kuze kukhale impempe yokugcina futhi basebenzise isikhathi abanaso ukuze bazuze.
Igoli lokulinganisa likaKamohelo Mahlatsi lama-93 liphule inhliziyo yamaBhakabhaka ngesikhathi iSwallows ikwazi ukweba iphuzu ekgcineni. Ukungagxili kwamaBhakabhaka emdlalweni, yikhona okubenzele phansi.
Bavumele uMahlatsi ngaso sonke isikhathi ukuthi akhethe indawo futhi ashaye igoli ngesikhathi esebhokisini. Amabhakabhaka kuzodingeka azisole kuphela ngokungahambi nawo womathathu amaphuzu kanti neSwallows manje isikwazile ukuqoqa amaphuzu amane komakhelwane babo base-Soweto.
Esikhathini esingeside esedlule ngesikhathi beshaye iKaizer Chiefs ngelilodwa eqandeni kwathi ngeSonto bantshontsha iphuzu kwiPirates. Umphumela wangeSonto ubusho ukuthi iSwallows ihlale ingashaywa kanti amanye amaqembu amabili asazoshawa yiGolden Arrows neMamelodi Sundowns.
ISwallows nokho izophatheka kabi ngokungawatholi womathathu amaphuzu kulo mdlalo. Ngemuva kokuthi iSundowns inqobe ngoMgqibelo, Izinyoni bezizothanda ukuthola amaphuzu azo aphezulu ukugcina ingcindezi kubaholi be-log.
ISundowns manje ihleli phezulu ngamaphuzu amabili kanti iSwallows ihleli endaweni yesibili ngemuva kwemidlalo eyi-10. Ngakolunye uhlangothi iPirates ihleli endaweni yesithupha namaphuzu ayi-10 emuva kwabaholi be-log kodwa yona (iPirates) isenomdlalo esandleni.
Imiphumela ye-Premiership
Bloemfontein Celtic 1-1 AmaZulu; Baroka 0-2 Sundowns; Chiefs 0-2 Maritzburg United; Tshakuma 2-2 Cape Town City; TS Galaxy 0-3 SuperSport United; Arrows 1-0 Chippa United; Stellenbosch 1-1 Black Leopards.