IPirates ifuna ukuzwisa i-Limpopo ubuhlungu obunzima

Menzi Magubane

IOrlando Pirates izobe ibheke ukuthi yenze amahlandla amabili elandelana ukushaya amaqembu abusayo eLimpopo uma ihlangana neBlack Leopards ngeSonto.

NgoLwesithathu iPirates ikwenze kwabukeka kulula kakhulu ngesikhathi ishaya iTshakhuma Tsha Madzivhandila ngamathathu eqandeni, ukunqoba umdlalo wayo wokuqala onyakeni omusha ngesitayela esihle.

I-Thohoyandou Stadium izophinde isingathe Amabhakabhaka kodwa kulokhu azobe ebhekene neLeopards. Imidondoshiya yase-Soweto izofuna ukwenza le ndawo ibe yindawo yabo yokwenza umhlabela.

Ngesikathi amaBhakabhaka kufanele ajabule ukuthi aqoqe amaphuzu aphezulu, umdlali wasesiswini ohlaselayo uWayde Jooste ufuna amanye.

“Ukunqoba akwanele. Kubaluleke kakhulu ukuthi sishaye amagoli. Amagoli azokwenza umehluko omkhulu ekupheleni kwesizini, ngakho-ke sidinga amagoli amaningi emidlalweni yethu elandelayo,” kusho uWayde.

IPirates ayikaze ishaye amagoli angaphezu kwamathathu kunoma yimuphi umdlalo we-DStv Premiership.

Amagoli abasawashayile amaningi kule sizini, ingesikhathi lapho beshaya izimbangi zase-Soweto iKaizer Chiefs ngamathathu eqandeni kwi-MTN8. UJooste ubambe elikhulu iqhaza ekunqobeni kwePirates ngoLwesithathu futhi waba ngumdlali wosuku ovelele.

NgeSonto, umqeqeshi uJosef Zinnbauer uzobe enethemba lokuthi lo mdlali owayehlasela iGolden Arrows uzoqhubeka nefomu yakhe enhle. Amaphuzu abo amathathu ngesikhathi bebhekene neTshakuma ababuyisele endaweni yesine kodwa basasele ngamaphuzu ayisikhombisa kubaholi iMamelodi Sundowns.

Amanye amaphuzu aphezulu uma kuqhathaniswa neLeopards esezansi kwi-log ngeSonto angayibona ivala iSundowns uma behluleka ukunqoba. AmaBhakabhaka azobe eyibheke ngentshisekelo i-derby yase-Tshwane ngoMgqibelo.

Kwi-derby kuzobekwa iSuperSport United endaweni yesibili ebese iSundowns iba phambili njengabasingathile. IPirates izobe inethemba lokuthi womabili la maqembu azolahla amaphuzu kulo mdlalo – ngakho-ke ukuqhathwa kuzokwamukeleka kakhulu e-Soweto.

Umdlalo wePirates neLidoda Duvha edonsa kanzima uzoqala ngo-3.30 ntambama.

Izihloko zakamuva