ILeopards imangaze iPirates

Menzi Magubane

IBlack Leopards imangaze iOrlando Pirates kowe-DStv Premiership ngesikhathi iyishaya ngamabili eqandeni e-Thohoyandou Stadium e-Limpopo ngeSonto ntambama. ILeopards idlale kahle kakhulu kulo mdlalo.

Isiwombe sokuqala besiphethwe yiqembu lasekhaya elihole ngomzuzu wama-29. ILeopards icindezele iPirates phezulu yaphoqa iphutha kumdlali wayo wasemuva uInnocent Maela oshaye igoli eshayele izimbangi esekhoneni leqembu labadlalela ekhaya.

Kunokuba ukuthi izinto zibe ngcono kubavakashi, iLeopards yengeze igoli layo lesibili kusasele imizuzu emihlanu ngaphambi kwekhefu. Ukungadlali kahle kwePirates kuvumele uRodrick Kabwe ukuthi ahole kabili iLeopards.

Umqeqeshi wePirates uJosef Zinnbauer usale edidekile futhi akakholwanga akubone ngamehlo akhe.

“Angazi ukuthi senzeni kulo mdlalo kodwa bekungeyona into ebesikhuluma ngayo phambilini. Asidlanga kahle kuwo wonke umdlalo. Isiwombe sokuqala besisibi kakhulu kithina. Okungenani esiwombeni sesibili sizamile ukudlala kodwa bese kuvele kuwukuthi sesihambile isikhathi ngoba besesilandela ngemuva,” kusho uZinnbauer.

Ezinsukwini ezinhlanu ezedlule iPirates ibidlala enkundleni efanayo yanqoba ngamathathu eqandeni ihlula omakhelwane beLeopards iTshakuma Tsha Madzivhandila. Lezi zinkunzi zaseSoweto zifike kuLeopards zinethemba lokuqhubeka lapho zigcine khona ngesikhathi zibhekene neTshakuma.

Kodwa bathole ukuthi iLeopards ayikho esimweni sokunikela futhi iqembu lasekhaya lijezise iPirates ebigcwele amaphutha emuva.

“Ngokwengqondo besingaqinile ngokwanele kulo mdlalo. Ngesonto eledlule besisendaweni efanayo futhi senze kahle. Namuhlanje besingekho esimeni esifanele,” kuqhuba uZinnbauer.

Ukwehlulwa kwenze amaBhakabhaka alahlekelwa kakhulu futhi asale emuva kubaholi be-log iMamelodi Sundowns neSwallows. IPirates njengamanje isele ngamaphuzu ayisishiyagalombili kubaholi.

NgoLwesithathu amaBhakabhaka abuyela ekhaya lapho azokwamukela khona iGolden Arrows engakaze ihlulwe eOrlando Stadium ngehora lesi-5 ntambama. Ngakolunye uhlangothi iLeopards izokwamukela iCape Town City eThohoyandou Stadium ngoLwesithathu ngehora lesi-5 ntambama.

Ukunqoba kwabo bedlala namaBhakabhaka kubenze basuka phansi kwe-log baya endaweni ye-14.

Eminye imiphumela ye-DStv Premiership:

AmaZulu -0-0 Maritzburg United; Baroka FC 0-1 Swallows; TS Galaxy 0-1 Chippa United; Cape Town City 1-2 Kaizer Chiefs; SuperSport United 0-0 Mamelodi Sundowns; Bloemfontein Celtic 1-1 Stellenbosch.

Izihloko zakamuva