Nikezani iChiefs ikhefu kusho umlandeli weminyaka engamashumi amahlanu nanye

Menzi Magubane

USaddam Maake uthi akaphatheki kabi ngokungenzi kahle kweqembu njengamanje.

“Sengibone okubi kakhulu,” kusho umlandeli owaziwayo weKaizer Chiefs.

“Esikhathini esedlule ngiyibonile iChiefs iba nesizini embi kwathi kungazelelwe yabuya yawina izindebe,” kusho uMaake oseseke Amakhosi iminyaka engama-51.

“IChiefs ibithatha iminyaka ingayinqobi iligi, kodwa ihlale iwina izindondo ze-knockout. Yingakho besibizwa ngochwepheshe bezindondo.”

Uthe, unyaka wezi-1978 nowezi-1993 kube yiminyaka emibi kakhulu emlandweni weqembu.

“Kodwa sikwazile ukubuyisa imali yethu sazuza nokwesiliva,” kusho uSaddam.

“Lokhu esibhekene nakho njengamanje akulutho uma kuqhathaniswa naleyo minyaka. IChiefs izobuyela esimeni kungekudala nje.”

Amakhosi ahluleke ancama emidlalweni eyisikhombisa elandelanayo ye-DStv Premiership kanti lokhu kudale ukwethuka kubalandeli beqembu. Ezinkundleni zokuxhumana abantu bafake usawoti esilondeni seKaizer, bethi ngesizini ezayo bazobe bedlala kwi-GladAfrica Championship.

“Umlandeli weChiefs weqiniso uyazi ukuthi lokhu kuzodlula. Ayikho iChiefs ezodlala ku-First Division ngesizini ezayo. Siyazi ukuthi izinto azisihambeli kahle okwamanje kodwa sizoma neqembu lethu,” kusho uMaake.

“Sinomqeqeshi ongcono kakhulu futhi konke akudingayo yisikhathi sokwenza imilingo yakhe. Abasekeli kumele babekezele. Imiphumela iyeza.”

Uthe, ukulahlekelwa yiligi emizuzwini eyi-18 yokugcina yesizini kungaba nzima.

“Abadlali bekufanele banikwe ukwelulekwa ngokwengqondo,” kusho uMaake.

UMaake uyavuma ukuthi ukuhlulwa ngoMgqibelo ekhaya yiMaritzburg United kube buhlungu.

“Engingakusho kubadlali ukuthi basilimaze ngokwanele. Sekuyisikhathi sokuthi baqale ukuvikela isithombe sekilabhu. Kumele bahloniphe imisebenzi yabo kanjalo nethalente labo – kanye nabasekeli babo.”

Izihloko zakamuva