Ezemidlalo

IUnited ingahle ilahlekelwe yindawo yayo ephezulu – kodwa usuku olulodwa kuphela

IManchester United ingazithola isiya emdlalweni wangoLwesithathu ihleli endaweni yesibili. Indawo yabo ephezulu kungenzeka ithathwe yiManchester City uma iCity inganqoba ngoLwesibili.

ULampard uxoshiwe njengomqeqeshi weChelsea

IChelsea isixoshe umqeqeshi wayo uFrank Lampard kanti bese bevele sebekhombe uThomas Tuchel owayengumqeqeshi weParis Saint Germain ozongena esikhundleni sakhe.

Chiefs ayisikhohliwe isiqalekiso se-Baroka

Kungenzeka ukuthi bekuyisizini edlule, kepha i-Kaizer Chiefs ayikakhohlwa ukuthi i-Baroka yenzeni kuyona emdlalweni wokugcina we-Premiership ngesizini edlule.

Qaphela uBabar Azam!

Ama-Proteas kumele aqaphe uMohammad Babar Azam, ukaputeni we-Pakistan nongumdlali obalulekile.

Ama-Bulls anqobe umdlalo wawo edlala nama-Lions ukufinyelela kowamanqamu

Ama-Bulls athole umdlalo wamanqamu we-Currie Cup ngokushaya ama-Lions ngo-26 - 21 emdlalweni obunzima owandulela owamanqamu ngoMgqibelo ntambama enkundleni yezemidlalo i-Loftus Versfeld ePitoli.

Isineke sikaMcCarthy siya ngokuncipha

Umqeqeshi waMazulu uBenni McCarthy uthe uphelelwa yisineke ngabadlali bakhe.

Impi yokuthola indawo ephezulu njengoba i-Downs ibhekene ne-Swallows

Olekelela umqeqeshi we-Sundowns, uRulani Mokwena akangabazi ukuthi isicoco esiphezulu sangoMgqibelo ne-Swallows ngumdlalo okumele unqotshwe yiqembu lakhe.

I-Liverpool isematheni – ngazo zonke izizathu ezingafanele

NgoLwesine ebusuku ompetha be-English Premier League bahlulwe ngegoli elilodwa eqandeni idlala ne-Burnley - nokuqeda imidlalo engama-68 yeligi ingakahlulwa e-Anfield.

ISwallows ilahle ithuba layo

ISwallows ngeke isole muntu ngaphandle kwayo ngokulahlekelwa yithuba lokuya phezulu kwetafula le-DStv Premiership. Izinyoni bekulindeleke ukuthi zisebenzise ithuba lokuthi iMamelodi Sundowns ilahlekelwe amaphuzu ngoLwesibili.

AmaLions azobhekana namaBulls kowandulela owamanqamu obubambezelwe yi-Covid

Umdlali wamaLions uBurger Odendaal ujabule ngokudlala neqembu lakhe langaphambilini kule mpelasonto.

Recent articles