IUnited ingahle ilahlekelwe yindawo yayo ephezulu – kodwa usuku olulodwa kuphela

Menzi Magubane

IManchester United ingazithola isiya emdlalweni wangoLwesithathu ihleli endaweni yesibili. Indawo yabo ephezulu kungenzeka ithathwe yiManchester City uma iCity inganqoba ngoLwesibili.

La maqembu amabili aseManchester ahlukaniswe amaphuzu amabili kodwa iCity, enomdlalo esandleni, njengamanje isendaweni yesibili. NgoLwesithathu amaRed Devils azokwamukela iSheffield United e-Old Trafford ngo-10: 15 ebusuku.

IUnited iqiniseke ukuthi izowina ekhaya uma isibhekene ne-Sheffield esezansi kwe-log. Kodwa ukuhola kwabo kusasongelwa yiCity. Uma iCity iwina umdlalo wayo izoya phezulu futhi izohola ngephuzu elilodwa.

Umqeqeshi uOle Gunnar Solskjaer unikeze isibuyekezo ngomhlaseli weqembu uMarcus Rashford olimale edolweni ngesikhathi benqoba ngeSonto bebhekene neLiverpool emzuliswaneni we-4 we-Emirates FA Cup.

Lo mdlali ushaye amagoli amabili ekunqobeni kwe-United ngamathathu kwamabili emdlalweni abaqhathwe kuwo eBramall Lane ngaphambi kukaKhisimusi.

USolskjaer uthe kwiwebhusayithi yeqembu, uRashford kufanele atholakale. “Uziqeqeshile namhlanje ekuseni. Ngicabanga ukuthi ulimale idolo lakhe kancane kodwa uzolulama. Sibukeka sinamandla.”

Umqeqeshi weSheffield uChris Wilder naye uhlinzekile ngesibuyekezo ngaphambi kokuvakashela e-Old Trafford. Ukumiswa kukaJohn Egan kusho ukuthi unenkinga yokudlala kahle.

“Simincile. Kungenzeka kubekhona oyedwa noma bobabili balaba bafana babuye ngempelasonto eManchester City,” kusho uWilder.

Eminye imidlalo ye-EPL ezodlala ngoLwesithathu

Burnley vs Aston Villa (Turf Moor, ngo-8pm); Chelsea vs Wolves (Stamford Bridge, ngo-8pm); Brighton vs Fulham (American Express Community Stadium, ngo-9.30pm); Everton vs Leicester City (Goodison Park, ngo-10.15pm).

Izihloko zakamuva