Chiefs ayisikhohliwe isiqalekiso se-Baroka

Menzi Magubane

Kungenzeka ukuthi bekuyisizini edlule, kepha i-Kaizer Chiefs ayikakhohlwa ukuthi i-Baroka yenzeni kuyona emdlalweni wokugcina we-Premiership ngesizini edlule.

I-Baroka idle i-Chiefs isicoco seligi ngesikhathi iyibamba ngegoli elilodwa kwelilodwa emdlalweni lapho Amakhosi abedinga amaphuzu aphezulu ukuze akwazi ukuthatha isicoco.

“Sasala sidumele futhi sibuhlungu,” kusho umdlali wasesiswini we-Kaizer Chiefs, uKearyn Baccus.

“Leyo nkumbulo izosisiza ukubanamandla okulwa futhi ngethemba lokuthi sizonqoba.”

Amakhosi amukela i-Baroka emdlalweni we-DStv Premiership enkundleni yezemidlalo i-FNB e-Soweto ngehora lesihlanu ntambama.

Ngemuva kokudlala imidlalo emine ilandelana ngaphandle kokwehlulwa okuwokokuqala kule sizini, i-Chiefs izobe ibheke ukugcina lowo mfutho uqhubeka. Basendaweni yesi-7 etafuleni kwi-log, bangemuva ngamaphuzu ayishumi kubaholi be-log ngokuhlanganyela i-Mamelodi Sundowns, i-SuperSport United ne-Swallows.

“Njengoba imidlalo ifika ishubile futhi ishesha, ukuma kwetafula ngamalogi kushintsha ngokushesha. Kodwa asigxili kwi-log. Kumele sigxile ekutholeni imiphumela,” uyasho.

Lo mdlali wasesiswini ubuye ekulimaleni ngemuva kokumiswa amaviki amathathu. Kulindeleke ukuthi abambe iqhaza elibalulekile emdlalweni wakusasa.

Wonke amehlo azobe ethe njo kumqeqeshi uGavin Hunt ukubona ukuthi uwahlela kanjani amabutho akhe. UHunt unesinqumo esikhulu maqondana nabadlali azobasebenzisa kwi-Soweto derby ebalulekile abazoyidlala ne-Orlando Pirates ezobe ingoMgqibelo.

Ngabe uzobaphumuza abadlali bakhe abajwayelekile ngaphambi kwe-derby noma uzogembula abasebenzise ukuzama ukuvikela okunqoba kwakhe kwesibili ekhaya kule sizini?

Omunye umdlalo weligi kusasa uzobhekana ne-Pirates ezokwamukela i-TS Galaxy enkundleni yezemidlalo i-Orlando ngehora lesihlanu ntambama. Umqeqeshi we-Pirates, uJosef Zinnbauer, naye uphethwe yikhanda elifanayo lokuthi uzobaphumuza yini abadlali bakhe abavamile noma cha.