Timmy T Maranda
Olekelela umqeqeshi we-Sundowns, uRulani Mokwena akangabazi ukuthi isicoco esiphezulu sangoMgqibelo ne-Swallows ngumdlalo okumele unqotshwe yiqembu lakhe.
“Lo ngumdlalo okufanele siwunqobe,” kusho uMokwena.
“Kumele sibhekane nengcindezi futhi sigxile futhi sinamathele ezinhlosweni zethu.”
Ama-Brazillians asedlale ngokulingana kabili ngamagoli, okokuqala bedlala ne-Supersport United kwalandela i-Bloemfontein Celtic. Ama-Brazillians asabambene ne-Dube Birds ngamaphuzu angama-26 kodwa angaphambili ngokuhluka ngamagoli. Ukunqoba kwanoma yiluphi uhlangothi kuzobahambisa esiqongweni se-log.
I-Swallows idlale ngokulingana ngegoli elilodwa kwelilodwa ne-Chippa United ngoLwesithathu e-Dobsonville Stadium yize ithole igoli kuqala ngomgadli wayo uRuzaig Gamildien kodwa yehluleka ukubambelela empumelelweni ngemuva kokungenelwa yigoli.
Ukugcina lapho noma yiliphi iqembu phakathi kwalawa amabili liqopha khona umlando kungesikhathi i-Sundowns ihlula i-Baroka FC ngamagoli amabili eqandeni kwathi i-Swallows yanqoba umdlalo wayo ne-Baroka FC, ngegoli elilodwa eqandeni.
UMokwena uthe ukuzilungiselela ngaphandle kwabadlali abamqoka kube nzima.
“Ngokulimala sishoda ngabadlali abamqoka, uLyle Lakay, uKhuliso Mudau, uBangaly Soumahoro, uRicardo Nascimento futhi sathwala kanzima ngenkhathi silahlekelwa nguBrian Onyango,” uyasho.
“Kodwa sizokwenza ngcono futhi sithole izinxazululo. Sinamakhono amaningi eqenjini futhi sizokwenza konke okusemandleni ethu ngaphansi kwalezi zimo.”
I-Sundowns ibhekene ne-Swallows kowe-DSTV Premiership ngoMgqibelo e-Lucas Masterpieces Moripe Stadium. Umdlalo uzoqala ngehora lesithathu ntambama.
Imidlalo ye-DSTV Premiership:
NgoMgqibelo
I-Mamelodi Sundowns izodlala ne-Swallows, ngo-15:00, e-Lucas Moripe Stadium
I-Black Leopards izodlala ne-Chippa United, ngo-15:30, e-Thohoyandou Stadium
I-Baroka FC izodlala naMazulu, ngo-17:00, e-Peter Mokaba Stadium
I-Stellenbosch FC izodlala ne-Kaizer Chiefs, ngo-17:00, e-Danie Craven Stadium
I-Maritzburg United izodlala ne-Orlando Pirates, ngo-17:00, e-Harry Gwala Stadium.
NgeSonto
I-Cape Town City izodlala ne-Golden Arrows, ngo-15:30, e-Cape Town Stadium
I-Tshakhuma FC izodlala ne-Supersport United, ngo-15:30, e-Thohoyandou Stadium
Isithombe: @Masandawana