Timmy T Maranda
Umdlali wamaLions uBurger Odendaal ujabule ngokudlala neqembu lakhe langaphambilini kule mpelasonto.
“Njengomdlali, lo ngumdlalo ofuna ukuwudlala,” kusho uOdendaal.
AmaXerox Lions azobhekana neVodacom Bulls emdlalweni owandulela owamanqamu wokuqala we-Carling Currie Cup ngoMgqibelo e-Loftus Versfeld ePitoli. Umdlalo uzoqala ngehora le-14h00.
AmaBulls kanye namaLions banikezwe amasonto amabili nohhafu ukuthi balungiselele owandulela owamanqamu ngemuva kokuhlehliswa ngenxa yezivumelwano nezinselelo ze-Covid-19.
“Siphumulile ngempelasonto ngakho-ke ngikholwa ukuthi abafana bazobe bewulungele umdlalo,” kusho uOdendaal.
“Wonke umuntu ujabule kakhulu ngalo mdlalo owandulela owamanqamu. Kulokhu angeke siphuthwe yithuba. Siyazi ukuthi kufanele sibe semandleni ethu imizuzu engama-80.”
AmaLions abike ngesimo sempilo sabadlali ngaphambi kwe-Jukskei derby kanti futhi akulimele muntu. Baphinde bemukela futhi uJaco Kriel, ophuthelwe ngumdlalo weVodacom Bulls ngenxa yokushintshana.
Iqembu likaIvan Van Rooyen lihlulwe ngamaBulls ngo-22-15 emdlalweni wokugcina wesigaba se-Currie Cup round-robin. AmaLions azobe ebheke ukuziphindiselela kulokhu kwehlulwa.
“Angicabangi ukuthi sisebenze kahle kakhulu,” kusho uOdendaal.
“Sakha inqwaba yamathuba kodwa sangakwazi ukuwaphendula amaphuzu. Sithathe izinto eziningi nezinhle kulo mdlalo nezinto esingasebenza kuzo sizilungise.”
AmaBulls futhi alahlekelwe ngumdlalo wabo wokugcina weligi wesizini, ngo-44-14 bedlala nePhakisa Pumas e-Nelspruit e-Mpumalanga, kodwa nakanjani bekungelona iqembu elihamba phambili kumaBulls. Kule mpelasonto bazodlala nohlangothi lwabo oluphezulu kakhulu.
Ozonqoba phakathi kwamaLions namaBulls uzodlulela kowamanqamu bese edlala nowine owandulela owamanqamu wesibili phakathi kweDHL Western Province neCell C Sharks.
Owamanqamu uhlelelwe uMgqibelo, mhla zingama-30 kuMasingana.
Isithombe: Sikhishwe yiXerox Lions