ISwallows ilahle ithuba layo

Menzi Magubane

ISwallows ngeke isole muntu ngaphandle kwayo ngokulahlekelwa yithuba lokuya phezulu kwetafula le-DStv Premiership. Izinyoni bekulindeleke ukuthi zisebenzise ithuba lokuthi iMamelodi Sundowns ilahlekelwe amaphuzu ngoLwesibili.

Kodwa Izinyoni nazo zigcinwe ekhaya yiChippa United. Njengamanje womabili amaqembu anamaphuzu angama-26 njengoba ezobhekana ngoMgqibelo.

NgoLwesithathu iSwallows ihole phambili ngumdlali ovelele wenyanga kaZibandlela / noMasingana uRuzaigh Gamildien. Kodwa ngemuva kwalelo goli iqembu lasekhaya lonakale ngesikhathi livumela iChippa ukuthi ibuyele emdlalweni.

Ukucindezela kweChippa kube nezithelo futhi kwatholakala elokulinganisa lishawa nguKurt Lentjies, okubavumele ukuthi baqede umdlalo bebambene ngo 1-1. Umqeqeshi uBrandon Truter ungene kulo mdlalo enomoya omuhle ngemuva kokuqokwa njengomqeqeshi wenyanga kaZibandlela / noMasingana ngoLwesibili.

Kodwa wayengeneme neze ngemuva komdlalo wangoLwesithathu.

Ngemuva kokuphuthelwa yithuba lokuya phezulu ngoLwesithathu, iSwallows izophinde ithole elinye ithuba lokwenza lokho ngoMgqibelo lapho ezotholana khona neSundowns empini yokuhlungela phezulu kwetafula.

“Uma ngikhuluma iqiniso ngicabanga ukuthi ingcindezi ikwiSundowns,” kusho uTruter. “Banamahora angama-72 okuphumula ngaphambi komdlalo wangoMgqibelo kanti thina sinamahora angama-48 kuphela. Ukukutshela iqiniso, kufanele bawine umdlalo ngoMgqibelo, kumele banqobe,” kwengeza uTruter.

Ukugcina kweSwallows ukuhlangana neSundowns kwenzeka eminyakeni eyisithupha edlule. Ngalesi sikhathi izibalo ziphezulu kanti ozonqoba uzoba namaphuzu amathathu ngaphezulu kwetafula.

Enye imidlalo ye-DStv Premiership

Orlando Pirates 0-0 Golden Arrows; SuperSport United 1-1 AmaZulu; Stellenbosch 0-3 Baroka; Black Leopards 0-2 Cape Town City; Maritzburg United ingu 0-3 TS Galaxy

Picture source: @SwallowsFC

Scrolla World Cup Quiz