Menzi Magubane
Ukubuya kukaSamir “Kokota” Nurkovic kulethe ukumamatheka ebusweni beKaizer Chiefs ethembekile. Ngesikhathi eqala okokuqala kule sizini owase-Serbia ushaye igoli lokuwina ngesikhathi Amakhosi eshaya AmaZulu ngelilodwa eqandeni eThekwini ngoLwesithathu.
Lokhu kube ukunqoba kwesibili kweChiefs kule sizini, amaphuzu amathathu ayenze yasuka endaweni ebekelwe izembe yaze yafika endaweni ye-10. Igoli likaNurkovic kwaba yigoli lokuqala lokunqoba elitholwe yiChiefs kule sizini.
Emdlalweni wabo wokuqala bewina ngesikhathi bebhekene neChippa United ngoMfumfu, umdlali wasemuva uGregory Damons wabashayela igoli. Ukunqoba kwaMaZulu bekukhulu kakhulu kuChiefs nomqeqeshi uGavin Hunt.
UHunt uthe: “Ngicabanga ukuthi uSamir udlale kahle kakhulu namhlanje. Bengingafuni ukumdlalisa kodwa nginomgadli oyedwa kuphela. Kithina njengamanje noma yikuphi ukuwina siyakwemukela. Kukhombisa ukuthi sintula ukuzivikela,” kusho uHunt.
Ukubuya kukaNurkovic kwamukelwe nguHunt kanti umphumela wangoLwesithathu uyakhombisa ukuthi kungani, ikakhulukazi ngemuva kokulimala kukaLeonardo Castro noKhama Billiat.
“Njengoba ngishilo kwasekuqaleni, uma uthola umfana ofana noSamir edlala njalo ngesonto uyawubona umehluko. Yilokho okwenzekile ngesizini edlule, udlale leyo midlalo eyishumi yokuqala futhi ubekhaliphile futhi ewathola wonke lawo magoli. Uma umnika ithuba uyalisebenzisa futhi bekwiyinto ebesingenayo kule sizini,” kusho uHunt.
Ukwehlulwa Usuthu bekungokokuqala kusukela uBenni McCarthy ethathe izintambo zokuqeqesha iqembu ngoZibandlela. Kodwa-ke, abasuki endaweni yesishiyagalolunye futhi njengamanje sebebambene ngamaphuzu ayi-10 neChiefs.
“Ngiphoxeke kakhulu ngoba bekuyithuba elihle kakhulu kithi ukuhamba namaphuzu amathathu. Ngoba iKaizer Chiefs ibingekho endaweni enhle. Kodwa besidlala nemidondoshiya.
“Futhi uma udlala nemidondoshiya kumele ube ngumqemane. Besidinga ukubeka ibhola enethini ngoba uma udlala namaqembu afana nalawa, adinga ithuba elilodwa lokukujezisa kanti yilokho okwenzekile,” kusho uMcCarthy.
Eminye imiphumela yangoLwesithathu ye-DStv Premiership: Tshakuma Tsha Madzivhandila 0-3 Orlando Pirates; SuperSport United 2-1 Bloemfontein Celtic.