Menzi Magubane
Umdlali wasesiswini uPaul Pogba ukubeke eceleni ukungaboni ngaso linye kwakhe neqembu lakhe iManchester United ngendlela emangalisayo ngoLwesibili washaya igoli lokuwina ngesikhathi bedlala neBurnley.
AmaRed Devils njengamanje aphambili ngamaphuzu amathathu kwiLiverpool kwi-English Premier League ngamaphuzu angama-36 ngemuva kwemidlalo eyi-17.
IUnited iphezulu okokuqala ngqa selokhu yagcina ukunqoba isicoco ngowezi-2012/13 futhi ingadlulela phambili ngamaphuzu ayisithupha ngokuwina uma isibhekene neLiverpool e-Anfield ngeSonto.
Ekuqaleni kukaZibandlela, umphathi weUnited uOle Gunnar Solskjaer uthe, uPogba akajabule njengoba engakwazi ukuziveza ngendlela ayithandayo.
UPogba, obesengashiya ikilabhu aye kuJuventus kuleli windi lokushintshana ngabadlali, utshele i-BBC Sport ukuthi ukunqoba kwabo ngesikhathi bebhekene neBurnley bekuyisikhuthazi esikhulu.
IUnited ayikaze ihlulwe emidlalweni eyi-15 ye-Premier League ekuhambeni, yanqoba imidlalo eyi-12 kuyo ngesikhathi benqoba emdlalweni wabo wokugcina e-Anfield ngonyaka odlule. Ngabe umlando ungaziphinda e-Anfield ngale Sonto?
“Kuzoba ngumdlalo omuhle kuwo wonke umuntu,” kusho uPogba.
“Umdlalo omkhulu lo. Kufanele sehlise umoya. Njengamanje sekuyisikhathi esikhulu. Sizobona ukuthi kuzokwenzekani,” kusho uPogba.
Ngemuva kokuwina amaphuzu amathathu ngoLwesibili uSolskjaer uthe, abafana bakhe balambile.
“Bafuna ukuba ngcono futhi lesi isivivinyo sesimilo nokuhlolwa kwekhwalithi,” kusho uSolskjaer ekhasini leqembu ku-Twitter ngaphambi komdlalo wabo onzima ngempelasonto.
IUnited isefomini emangalisayo. Emidlalweni yabo emihlanu edlule baqoqe amaphuzu ayi-13 kwali-15.
Ngakolunye uhlangothi, izinto azihambanga ngendlela yeLiverpool. Emidlalweni yabo emihlanu edlule baqoqe amaphuzu ayisishiyagalombili kwali-15 futhi balahlekelwa umdlalo wabo wokugcina ngesikhathi bebhekene neSouthampton esontweni eledlule.
Eminye imiphumela ye-EPL yangoLwesibili
Wolves 1-2 Everton; Sheffield United 1-0 Newcastle United.