Trolley
Prices: PMBEJD Household Affordability Index, March 2026 · See full basket →

Izindaba Scrolla

UCele uvakashele umndeni womlimi obulewe

UNgqongqoshe wezamaPhoyisa uBheki Cele kanye noNgqongqoshe wezokuPhepha koMbuso uAyanda Dlodlo, bahambele umndeni wemenenja yepulazi lase-Free State ebulewe, uBrendin Horner ngoLwesibili.

Umnakekeli wezingane ugwetshwe iminyaka emihlanu ngokuhlukumeza izingane

Lowo owayengumnakekeli uNellie Senwametsi, ugwetshwe iminyaka emihlanu ngoLwesibili.

Kuboshwe iphoyisa eliphezulu

IPhini likaKhomishani wamaPhoyisa kuzwelonke uBonang Mgwenya, uboshwe ePitoli ekuseni ngoMsombuluko eboshwa wuphiko oluphenya amacala.

Umqaphi wase-DRC ubulawe ngabazingeli abangekho emthethweni

Abaqaphi babulawa ngabazingeli abazingela ngokungemthetho e-Virunga National Park ngenkathi besemsebenzini bevikela ama-gorilla.

UJeezy Fire ukhiphe ingoma entsha

Abanye bathi i-Afro-pop ngenxa yamabhithi ayo esintu, abanye bathi uMaskandi-pop noma i-R&B ngenxa yezinsimbi zayo ezihlukile zomdabu nesigqi.

Ababhikishi base-Nigeria bancenge uhulumeni ukuba avale uphiko lwamaphoyisa olunonya

Enye indoda idutshulwe ngamaphoyisa yashona ngoMgqibelo ngenkathi izinkulungwane zabantu ziqhubeka nombhikisho omayelana nesihluku esenziwa ngamaphoyisa.

Intombazanyana enesibindi

Intombazanyana eneminyaka eyisithupha yase-Port Elizabeth igolozele isigebengu ebesizogqekeza endlini. Amaphoyisa asincomile isenzo sobuqhawe sale ntombazanyana.

Abayishumi nambili bashonile engozini yetekisi eKwaZulu-Natali

Kusengamaviki nje ngemuva kokuthi kube nengozi enyantisa igazi ebandakanya izimoto ezine eduzane nase-Greytown eyabulala abantu abayi-13.

“I-Covid ithathe ubudoda bami”

UThembani Dlelembe uyathanda ukondla umndeni wakhe. Kodwa njengabanye abaningi abahlaselwe yilolu bhubhane kanye nomvalelo, uThembani ulahlekelwe umsebenzi - futhi uzolahlekelwa umuzi wakhe kungekudala.

Impukane iwine kwinkulumo mpikiswano

Impukane ehlale phezu kwekhanda lephini likaMengameli waseMelika uMike Pence phambi kwezigidi zabantu ngoLwesithathu ibe undaba mlonyeni.

Abokufika abanezitolo banovalo lokuhlaselwa

Kuqale kwaba i-Covid-19, manje sekufuneka amaphepha asemthethweni.

Amalungu omzimba angeke akusize ukusimamisa ibhizinisi lakho

Isangoma esimzwezwe sinesixwayiso kosomabhizinisi abafuna ukuceba ngezitho zomzimba.