“I-Covid ithathe ubudoda bami”

Everson Luhanga

UThembani Dlelembe uyathanda ukondla umndeni wakhe.

Kodwa njengabanye abaningi abahlaselwe yilolu bhubhane kanye nomvalelo, uThembani ulahlekelwe umsebenzi – futhi uzolahlekelwa umuzi wakhe kungekudala.

“I-Covid-19 ithathe ubudoda bami njengoba ngizizwa ngathi ngiyisehluleki phambi komndeni wami,” kusho uThembani etshela abakwa-Scrolla.Africa.

Ubhubhane olubi kakhulu lwe-Covid-19 seluphelile – kodwa izinkulungwane zemisebenzi zilahlekile namabhizinisi amancane avale unomphela.

UThembani ubenguweta kodwa wadilizwa ngesikhathi kuqala umvalelo ngoNdasa.

Kusukela lapho, uThembani nomkakhe uNosipho Shenxane bebephila ngemali yesibonelelo engama-R940 yendodakazi yabo eneminyaka emibili – abayithola njalo ngenyanga.

Le mali yesibonelelo ingaphansi kakhulu kunemali yabo abayikhokhela umastende njalo ngenyanga eyizi-R1 400.

Manje umastende wakhe ufuna ukuthi lo mfana oneminyaka engama-35 ubudala wase-Alexandra akhokhe irenti kule mpelasonto, kungenjalo uzokhishwa.

Ukweleta omashonisa kanye nomakhelwane bakhe imali.

“Sikweleta umastende izi-R5,200, okuyimali ebilokhu inqwabelana. Asikaze sikhokhe kusukela ngoNdasa ngesikhathi kuqala umvalelo. Anginandawo engingaya kuyo. Anginazihlobo eGoli.

“Mina nomkami safikela lapha ngonyaka odlule sisuka eMpumalanga yeKapa. Angazi ukuthi kuzokwenzekani ngathi uma sesixoshiwe,” kusho uThembani.

“Ngangivame ukucela imali kumama wami owayesebenza ezindlini eKapa. Wayejwayele ukunginikeza okungenani ama-R500. Le mali yayisisiza kakhulu ngoba kwakusho ukuthi singathenga ukudla kwengane.”

Kodwa nomama wakhe waphelelwa umsebenzi.

Njengamanje uthi kunzima kakhulu ngoba nsuku zonke kumele aphithize azame ukuthola okuthile okudliwayo.

Uthe, lesi yisikhathi esinzima kakhulu empilweni yakhe. “Indodakazi yami ilokhu ikhala njalo ngoba ilambile.

“Kwesinye isikhathi ngiphoqeleka ukuboleka imali kubangani nakomakhelwane ngoba angikwazi ukubona umndeni wami usezinhlungwini futhi ulambile,” kusho uThembani.

Izihloko zakamuva