Isihlabani sebhola lombhoxo eqenjini lamaBhokobhoko u-Eben Etzebeth uthe uzoyeseka iKaizer Chiefs uma kuziwa ebholeni laseNingizimu Afrika.
Ekhuluma ngesikhathi exoxa neRadio 2000, uvumile ukuthi imidlalo eminingi yebhola lasekhaya akazange ayibuke, kodwa wathi Amakhosi yiwona awakhethayo.
Nakuba engenzi kahle kuDStv Premiership, njengoba ehlezi endaweni yeshumi futhi idonse kanzima amasizini ayisishiyagalolunye ingenayo isiliva, iKaizer Chiefs idonse amehlo ompetha bombhoxo.
Ukuxhumana kuka-Etzebeth kwaqala ngesikhathi ethatheka i-Ajax Cape Town njengamanje esibizwa ngeCape Town Spurs, njengoba isendaweni lapho azalelwa khona waphinde wakhulela khona.
Lo mpetha weNdebe yoMhlaba yeBhola lombhoxo amahlandla amabili uphinde wabelana ngokusekela kwakhe isikhathi eside i-Arsenal ku-English Premier League.
U-Etzebeth uthole igama lesidlaliso elithi “Elizabedi” ngesikhathi seNdebe yoMhlaba yebhola lombhoxo yakamuva lapho umlandeli wayememeza ejabulele ukunqoba kwakhe i-try kuma-quarter-final bebhekene nezwe lase-France.
Lo mdlali oneminyaka engu-32 ubudala uvumile ukuthi igama lesidlaliso lisamile futhi ngisho nabadlali abafana noSiya Kolisi bake bazwakala bembiza ngo “Elizabedi.”
Luhlanganiswe ngumbhali we-Stuff
Osesithombeni esingenhla: U-Eben Etzebeth.
Umthombo wesithombe: Springboks/X