Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Abafundi baseMandela High School e-Crossroads, eKapa, bahlasele amaphoyisa ngezitini bavimba nothisha ukuthi baphume noma bangene emahhovisi esikole ngoMsombuluko ngemuva kokuthi amaphoyisa ephuce inqwaba yabafundi omakhalekhukhwini.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo e-Western Cape u-Unathi Booi uthe amaphoyisa abenomkhankaso wokuthungatha kanye nokushaqa izinto esikoleni.
“Abanye abafundi batholwe benomakhalekhukhwini okuyinto ephambene nomthetho wokuziphatha wesikole,” kusho uBooi.
“Omakhalekhukhwini abashaqwe kubafundi banikwe iphini likathishanhloko, kodwa labo bafundi bafuna ukuthi babuyiselwe omakhalekhukhwini babo.”
Ngemuva kokuthi abafundi bevimbe othisha ukuthi bangene ehhovisi lesikole, isikole sithinte amaphoyisa eSAPS ukuze bathole usizo.
“Ngesikhathi efika, abafundi kuthiwa bajikijele amaphoyisa ngezitini, kwalimala oyedwa wamaphoyisa,” kusho uBooi.
Uthe ukuziphatha kwabo akwamukelekile futhi ngeke kubekezelelwe.
Umzali ongathandanga kudalulwe igama lakhe uthe: “Izingane zethu ziyinkinga, siyazi sonke ukuthi omakhalekhukhwini abavumelekile, kungani bebaphatha esikoleni kwasekuqaleni? Ziluhlaza futhi azinalo ilungelo lokuvimba nothisha, lokho kukodwa kukhombisa ukuthi azinanhlonipho kothisha bazo.
“Izingane zethu sizihambisa esikoleni ukuze ziyofunda, hhayi ukuthi zihlukumeze nothisha ngoba siyazi ukuthi omakhalekhukhwini bayabaphazamisa esikoleni, okulandelayo bazofeyila, bese sisole othisha, sikhohlwe ukuthi bebegxile komakhalekhukhwini ngesikhathi uthisha ematasa efundisa,” kusho umzali.
Esithombeni ngenhla: Iveni yamaphoyisa.
Umthombo wesithombe: Ifayela