Kuhlonishwe uthisha nesikole abahamba phambili 

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Isikole i-Toli Senior Secondary School esesigodini sase-Jambini, e-Lusikisiki, e-Eastern Cape sihlomule ngezindondo ezintathu ngokuba nabafundi bakamatikuletsheni abaningi abaphase ngama-bachelor kanye no-distinction baphuma phambili esifundazweni.

ULuthando Xesi onguthisha ovelele esifundazweni uqale ukufundisa u-Grade 10 no-Grade 11 kulesi sikole ngo-2015 izifundo ze-Life Sciences.

“Ngiqale ukufundisa umatikuletsheni ngo-2019, futhi ngikwazile ukukhiqiza imiphumela engu-100% kanye no-distinctions abaningi,” kusho uXesi. “Bengingeke ngikwenze ngaphandle kozakwethu ngoba abafundi basuka emabangeni aphansi baze bayofika kumatikuletsheni.

Uthishanhloko uNkosiyazi Ntlanga uthe: “Le miklomelo ayikhuthazi thina kuphela kodwa ikhuthaza bonke othisha baseNingizimu Afrika.

Lesi sikole sibe nemiphumela emihle kakhulu kamatikuletsheni esifundazweni ngezibalo, I-Life Sciences, i-Physical Science, kanye nesiXhosa.

“Imvelo yesikole nayo ibambe elikhulu iqhaza. Sonke sifuna imiphumela efanayo, njengoba nabafundi bethu benza konke okusemandleni ukuthi baphumelele, minyaka yonke sinabafundi abaphumelela kumatikuletsheni abangaphezulu kuka-400,” kusho uNtlanga.

Isikole sithole imoto njengomklomelo okwesibili kulandelana njengoba kwenzeka nangonyaka odlule. 

“Imoto siyiwine ngonyaka odlule nakulo nyaka,” kusho uNtlanga. “Sifuna ukugcina lowo mfutho ngaphandle kokuzifaka ingcindezi thina noma abafundi.”

Uthe imoto eyawinwa isikole ngonyaka odlule yayisho ukuthi akusadingeki baqashe imoto ukuze bathenge izinto ezidingekayo noma ukwenza izinto ezithile.

Uthisha owine umklomelo uXesi uthe kuyakhuthaza ukuya esikoleni uthole abafundi bezimisele ngokufunda.

“Angikaze ngicabange ngokuwina izindondo kodwa sengithole cishe eziyishumi kusukela ngo-2018 kuMnyango wezeMfundo, i-Sadtu, uNgqongqoshe kanye nesifunda.

“Ngangifuna lo msebenzi wenze impilo yami ibe ngcono futhi ngikwazi ukunakekela umndeni wami. Ngangingakaze ngicabange ukuthi ungangilethela izindondo, kodwa ngingumuntu okhuthele futhi ozinikele emsebenzini ,” kusho uXesi.

Esithombeni ngenhla: ULuthando Xesi onguthisha ohamba phambili e-Eastern Cape.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe 

Izihloko zakamuva