Kuboshwe iphoyisa eliphezulu

IPhini likaKhomishani wamaPhoyisa kuzwelonke uBonang Mgwenya, uboshwe ePitoli ekuseni ngoMsombuluko eboshwa wuphiko oluphenya amacala.

Uvele eNkantolo yeMantshi yase-Palm Ridge ngamacala enkohlakalo, ukukhwabanisa, ukweba, nokushushumbisa imali, wabe esenikezwa ibheyili yezi-R20,000.

Leli cala lihlobene necala lokukhwabanisa ithenda lezigidi ezi-R191 lombutho wamaphoyisa aseNingizimu Afrika kusukela ngonyaka wezi-2017.

UMgwenya ungummangalelwa we-13 kuleli cala.

USindiswa Twala, okhulumela uphiko oluphenya amacala uthe, ukuboshwa kukaMgwenya nokuvela kwakhe kuhlobene nokunikezwa kwemishini yezimo eziphuthumayo kumbutho wamaphoyisa aseNingizimu Afrika.

UTwala uthe izigidi ezi-R65 zakhokhelwa inkampani i-Instrumentation for Traffic Law enforcement (Pty) Ltd enikezela ngezinsizakalo. Ukukhokhwa kwezigidi ezi-R22 kwamiswa sekusezingeni eliphezulu ngemuva kokuphenywa kwalolu daba.

Ukuboshwa kwakamuva kujoyina abanye abayi-11 okubalwa kubo:

– OwayenguKhomishani wamaPhoyisa kuzwelonke uKhomotso Phahlane

– OwayenguKhomishani wamaPhoyisa e-Gauteng uDeliwe de Lange

– IPhini likaKhomishani wamaphoyisa e-Gauteng u-Major-General Brigadier Nombhuruza Lettie Napo

– U-Lieutenant-General Ramahlapi Johannes Mokwena

– (UKhomishani Ohlukanisayo osethathe umhlalaphansi) u-Brigadier James Ramanjalum

– U-Major General Ravichandran Pillay

– U-Colonel Thomas Dumas Marima

– USayitsheni uMaetapese Joseph Mulaiwa.

Abangeyona ingxenye yombutho wamaphoyisa nguJudy Rose, uSamantha Andrews, uVimpie Manthatha, nenkampani emelwe ngumqondisi wayo uVimpie kanye ne-Instrumentation for Traffic Law enforcement (Pty) Ltd.

UTwala uthe, uphiko oluphenya amacala lusebenze nezinhlaka ezahlukene zomthetho ekuphenyweni nasekuboshweni kwabasolwa.

U-General Khehla Sithole ukuqinisekisile ukuthi “akekho umuntu ongaphezu komthetho”.

Bonke abasolwa bazobuyela enkantolo kusukela mhla zi-16 kuLwezi kuya kumhla zi-10 kuZibandlela.