Enye indoda idutshulwe ngamaphoyisa yashona ngoMgqibelo ngenkathi izinkulungwane zabantu ziqhubeka nombhikisho omayelana nesihluku esenziwa ngamaphoyisa.
Ababhikishi bamemezela ukuba kukhishwe uphiko lwamaphoyisa olunodumo olubi olubizwa nge-Federal Special Anti-Robbery (FSARS).
Imibhikisho isebenzile – ngeSonto, uMengameli uMuhammadu Buhari uthe uzoluvala lolo phiko
Isisusa sombhikisho sibangelwe ukwedlula emhlabeni kwendoda encane ngeviki eledlule esifundeni sase-Delta.
Amaphoyisa akulolu phiko athweswe icala lokubulala, ukuphanga, ukuhlukumeza, ukuhlasela kanye namanye amacala ngabantu base-Nigeria.
Abaningi baye ezinkundleni zokuxhumana ukuyoxoxa indaba yabo ngaphansi kwe-hashtag ethi #EndSARS.
Izishoshovu zithi zifuna ukuthi lolu phiko olunodumo olubi luvalwe.
Indoda, uJimoh Isiaka, udutshulwe washona ngenkathi esembhikishweni ngoMgqibelo e-Ogbomoso esifundeni sase-Oyo.
Lezi zibonakaliso ezinokuthula zigqugquzelwe ngumnyakazo wokuthi izimpilo zabantu abamnyama zibalulekile eMelika uye wabanjwa emadolobheni amakhulu ezweni lonke.
Abanye osaziwayo abakhulu ezweni kubalwa uTiwa Savage kanye nabalingisi bakwi-Nollywood baye baphuma ngobuningi babo ukuzo kweseka lesi senzo.