Sizwe Sibiya
Abanye bathi i-Afro-pop ngenxa yamabhithi ayo esintu, abanye bathi uMaskandi-pop noma i-R&B ngenxa yezinsimbi zayo ezihlukile zomdabu nesigqi.
UJeezy Fire ongumculi wase-Richmond eMgungundlovu, uziqambele igama lobuciko bakhe elithi – Imbube. Wenza umculo ocishe ufane nalowo owenziwa, abaculi abafana noSjava, uAubrey Qwana kanye noSenzo ukubala abambalwa. Lo mculo uyingxubevange yoMbaqanga kanye ne-Afro-pop.
UJeezy ube sematheni muva nje ngemuva kokukhishwa kwengoma ebiqondiswe kumlingisi ongasekho uMary Twala, ayenze ngaphansi kwe-Unified Entertainment noPercy, uExpression kanye noMbuzeni.
“Ngikhule ngiwulalela kakhulu uMbaqanga, ubaba wayewudlala kakhulu ngisemncane. Ngakho-ke, kuthe lapho sengikhulile futhi ngibona ukuthi nginethalente lomculo, ngaqala ngenza i-Hip Hop. Kuthe makuqhubeka isikhathi, ngazizwa ngifuna ukubuyela emuva kwimvelaphi yami ngoba i-Hip Hop kwakungesiyo imvelaphi yami.
“Yilapho-ke engithe ake ngiqhamuke khona nento entsha, ngase ngithatha isinqumo sokuthi ubuciko bami ngizobubiza ngokuthi Imbube,” kusho uJeezy Fire oseke washiyelana inkundla noBlack Coffee, uKwesta, uK.O, uKhuzani kanye nabanye.
Akunzima kangako ukubona uJeezy ngoba uhlezi egqoke amajazi aphaphathekile uma eyocula ezindaweni nakumavidiyo akhe omculo. Uphatha ipotimende kanye nenduku yokuhamba eceleni. Ukube ubungazi ukuthi ungumculi, ubuzoxolelwa ngokucabanga ukuthi, uyindoda endala enemali ejahana nezingane zesikole.
“Bengifuna ukwehluka njengomculo engiwenzayo. Ukwehluka kwami kuyangisebenzela ngoba akekho oyongikhohlwa noma ngabe bekunabanye abaculi abangama-20 ngalolo suku. Abantu bayohlala bemkhumbula ‘umfana obegqoke ibhantshi’ ngemuva komcimbi,” kusho uJeezy Fire.
Useke wawina ku-Umngeni Music Awards njenge-Artist of the Year ngowezi-2018 ngengoma yakhe eyaziwa kakhulu ethi Inkomo.
Lengoma ikhuluma ngensizwa eyathandana nodadewabo ngokungazi, yaze yathola sekuyisikhathi sezingxoxo zamalobolo ukuthi ngudadewabo.
UJeezy uthe, ubukela kakhulu kubaculi abafana neBlaq Diamond, uSjava kanye noMnqobi Yazo.
Utshele abakwa-Scrolla.Africa ukuthi usanda kukhipha enye ingoma esihloko sayo sithi i-One in a Million ebi tholakala kuzo zonke izitolo ezi-digital kusukela ngoNcwaba.