UCele uvakashele umndeni womlimi obulewe

UNgqongqoshe wezamaPhoyisa uBheki Cele kanye noNgqongqoshe wezokuPhepha koMbuso uAyanda Dlodlo, bahambele umndeni wemenenja yepulazi lase-Free State ebulewe, uBrendin Horner ngoLwesibili.

Ukubulawa kukaHorner oneminyaka engama-21, kwasusa uthuthuva edolobheni lase-Senekal ngesonto eledlule ngesikhathi abasolwa ababili bevela enkantolo. Kwacekelwa phansi impahla yenkantolo kwashiswa neveni yamaphoyisa.

Ukuya kukaCele kule ndawo, bekuyimizamo yokwehlisa izinga lentukuthelo emphakathini wabalimi othukuthele ngokubulawa kwabalimi muva nje.

Okhulumela uMnyango wamaPhoyisa uLiradzu Themba uthe, uCele kanye noDlodlo baphinde babamba umhlangano nezinhlangano zabalimi kanye nabamele umphakathi wendawo epulazini i-Mitz Agricultural e-Free State.

“Kuvunyelwene ngokuthi emasontweni amathathu azayo, izikhalo zabo mayelana nokuhlaselwa kwamapulazi nokwebiwa kwemfuyo kuzolungiswa ngokushesha,” kusho uCele.

Umndeni wakwaHorner uthe unethemba lokuthi isenzo sikaCele sizoletha ushintsho ezimweni ezishubile kule ndawo.