Intombazanyana enesibindi

Intombazanyana eneminyaka eyisithupha yase-Port Elizabeth igolozele isigebengu ebesizogqekeza endlini.

Amaphoyisa asincomile isenzo sobuqhawe sale ntombazanyana.

Konke lokhu kuqale ngesikhathi kungena owesilisa ongaziwa obehlome ngommese, engena egumbini lentombazanyana.

Okhulumela amaphoyisa uCol Priscilla Naidu uthe, le ntombazanyana, eyindodakazi yesisebenzi sasendlini esisebenzela umnikazi womuzi oneminyaka engama-75 ubudala, ibibuka umabonakude ngoLwesihlanu ntambama.

Kusolwa ukuthi unina wentombazane ubeye lapho ahlala khona eyodla isidlo sasemini, kubika i-Timeslive.

Isigebengu sabe sesimsabisa unina wale ntombazanyana, sathatha iselula yakhe nemali eyi-R1,000 – ngaphambi kokuhambisa lo mama endlini enkulu sifuna ukukhonjiswa isisefo semali.

UNaidu uthe:

• “Ngesikhathi bengena egumbini lokuphumula, wayisabisa intombazanyana, wayala nomama wayo ukuthi acime umabonakude”

• “Le ntombazanyana yenqabile ukuvumela isigebengu ukuba sicime umabona kude, yavele yama phambi kwawo”

• Kubikwa ukuthi le ntombazanyana ithe izobiza “ugogo” owayelele kwelinye igumbi

• Ngemuva kokuthi intombazanyana igijimele egumbini likagogo, kube sekukhala i-alamu lasendlini 

UNaidu uthe, umsolwa wabanjwa ntambama ngalolo suku, kwathi i-laptop nomakhalekhukhwini kwatholakala kanye namanye ama-laptop amabili. Kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yase-Port Elizabeth ngoMsombuluko.

Ukhomishana wamaphoyisa esifundeni sase-Nelson Mandela Bay uMaj-Gen Thembisile Patekile, uncome le ntombazanyana ngesibindi sayo sokumelana nomsolwa.

“Siyajabula ukuthi awukho umonakalo owenzekile kuye nakwabanye abebesendlini.”

Izihloko zakamuva