Impukane ehlale phezu kwekhanda lephini likaMengameli waseMelika uMike Pence phambi kwezigidi zabantu ngoLwesithathu ibe undaba mlonyeni.
UPence ubekwinkulumo mpikiswano noKalama Harris, iphini likaMengameli we-Democratic Party uJoe Biden.
UPence ubezama ukwenza kancono kunesikhulu sakhe uDonald Trump yena inkulumo mpikiswano yakhe ebengeviki eledlule echazwe njengehlekisa
Izinsuku ngemuva kwalokho uTrump wahlolwa watholakala ukuthi une-Covid-19.
Kodwa impukane ivele yama endleleni kaPence.
Imizuzwana nje izinkundla zokuxhumana bese zikhuluma ngakho kanye ne-Twitter handle entsha efana nokuthi @MikePencesFly ibihamba phambili odabeni losuku
“Impukane emnyama ibalulekile,” omunye obhale ku-Twitter usho njalo.
Umhlaziyi wezepolitiki uSteve Schmidt uthe impukane ibewuphawu lwesono kanye “nophawu likasathane.”
Umkhankaso kaBiden usuqalile kuyimanje ukuthumela izinto zokubulala izinambuzane ezibhalwe igama likaBiden noma likaHarris.