Amalungu omzimba angeke akusize ukusimamisa ibhizinisi lakho

Everson Luhanga

Isangoma esimzwezwe sinesixwayiso kosomabhizinisi abafuna ukuceba ngezitho zomzimba.

Uzogcina upokelwa futhi ujeziswa yimimoya yabantu othathe izitho zabo zomzimba.

Isangoma uDipuo Chauke, owaziwa ngogogo uMahambanomoya, uthi abantu abaningi basebenzisa umuthi ukuze bacebe.

UGogo uMahambanomoya uthi useke wabona abantu behanjelwa yinqondo “imimoya yabantu abathathe izitho zomzimba kubo babathukuthelele.”

Uthi umzanyana, ubuchopho, inhliziyo kanye namehlo kukholelwa ekutheni kusetshenziswe ukwenza umuthi kanye nemisebenzi yabaphansi ukuze umuntu ezoceba, ngenkathi lezi zitho zomzimba kukholelwa ekutheni ziyisibunge sobulili obuhlukile.

Abesilisa abasebenzisa lo muthi bakholelwa ekutheni amantombazane azoza ebhuza kwabesilisa abasebenzisa lomuthi.

“Uma becela uthando, ayikho intombazane enqabayo kwabesilisa abanjalo.”

Uthe akusizo zonke izangoma ezisebenzisa umuthi oxutshwe nezitho zomzimba womuntu. Izangoma eziningi zethembekile zenza umsebenzi olungile futhi zibusiswe ngamadlozi azo.

Noma kwaziwa umuthi abantu badayisa izitho zomzimba ukwenza umuthi, izinyanga zesintu azikwazi ukuyivimba leyonto.

“Baningi abantu abadayisayo. Kumele sisebenzisane nohulumeni kulolu daba futhi sifundise nabantu ukuthi asikho isitho somzimba esingalapha umuntu noma simenze acebe. Abantu abenza lento kuzomele baboshwe futhi bajeziswe,” usho njalo uma ethayisela.

Izangoma ezilungile zithi abantu kuzomele babheke imizimba yabathandiweni babo abangasekho emhlabeni ngaphambi kokuthi bencwatshwe. Abanye kungenzeka bengabinazo izitho zabo zangasese noma ezinye izitho zomzimba.

U-Executive chairperson of the Funeral Industry Reformed Association (Fira) uJohan Rousseau, uthe ujwayele ukubona izidumbu zabantu zihamba emoshali ngamathambo ashodayo, amakhanda, noma izinyawo zinqunyiwe futhi kwesinye isikhathi lapho Ithambo lesitho lingekho kufakwe induku yomshayelo noma insimbi.

“Abantu abaningi abanalo ulwazi ukuthi lokhu kuyenziwa. Uhulumeni kuzomele aqinise umthetho ukubhekelela kahle kanye nemithetho yezimoshali kanye nezimoshali zikahulumeni ngokukhipha izitho zomzimba ngezinqubo zokwelapha,” uyasho.

Izihloko zakamuva