Umnakekeli wezingane ugwetshwe iminyaka emihlanu ngokuhlukumeza izingane

Lowo owayengumnakekeli uNellie Senwametsi, ugwetshwe iminyaka emihlanu ngoLwesibili. Watholwa enecala eNkantolo yeMantshi yase-Carletonville ngokushaya izingane ezingaphansi kwakhe.

USenwametsi, owabanjwa ngevidiyo eshaya izingane e-Ninnie’s Neurons Nursery School lapho ayeqashwe khona, walahlwa yicala elilodwa lokushaya ngenhloso yokulimaza izingane ezintathu.

Ngokusho kwe-EWN, iMantshi uJan Steyn owakhipha lesi sigwebo umemezele ukuthi umsolwa oneminyaka engama-40 akakufanele ukusebenza nezingane. Igama lakhe lizofakwa ohlwini lwabaphula umthetho wezingane.

IMantshi ithe: “Ngiphambukile kwisigwebo esinqunyiwe seminyaka eyishumi ngoba uyazisola futhi uhlose ukuxolisa emindenini yezingane.”

Amavidiyo amathathu avela ngoMbasa nyakenye, avusa ulaka ezweni lonke ngesikhathi ekhombisa lowo owayengumnakekeli eshaya izingane ephindelela ebusweni nasemakhanda. Kwenye ividiyo waphoqa ingane ukuba isule umphalazo wayo.

Waphinde wabamba ingane ngesiphika wayijikijela kukhaphethi.