Abayishumi nambili bashonile engozini yetekisi eKwaZulu-Natali

Kusengamaviki nje ngemuva kokuthi kube nengozi enyantisa igazi ebandakanya izimoto ezine eduzane nase-Greytown eyabulala abantu abayi-13.

Manje iKwaZulu-Natali (KZN) izilela ukwedlula emhlabeni kwabanye abantu abayi-12 abashonile engozini yemoto e-Kilimoni eduze nase-Underberg ngoMgqibelo ntambama.

Kusolakala sengathi umshayeli wehlulekile ukulawula itekisi, yaginqika yaze yayoma odongweni lomfula.

Okhulumela umnyango wezokuthutha eKwaZulu-Natali uGugu Sisilana uthe: “abathathu abasinde kule ngozi balimele bangeniswa esibhedlela. Kukholakala ekutheni ingane encane iphuma emndenini owodwa nalabo abayi-12 abalahlekelwe yizimpilo zabo.”

Akukakacaci ukuthi itekisi beliqhamuka kuphi.