Izindaba Scrolla

Kuhlawuliswe umengameli wase-Namibia

Amaphoyisa ase-Namibia ahlawulise umengameli nabanye osopolitiki abaphezulu ngokwephula imithetho yomvalelo.

Kuzodingeka amathuna amaningi kuleli

Njengoba isifo se-Covid sanda, uNgqongqoshe wezempilo uZweli Mkhize utshele amadolobha aseNingizimu Afrika ukuthi athole izindawo ezizoba ngamathuna okungcwaba abantu abaningi.

Bekushubile esiteshini samaphoyisa e-Alex

I-covid-19 idale esikhulu isiphithiphithi esitesheni samaphoyisa e-Alex, enyakatho yeGoli, ngoLwesihlanu ntambama.

UTrump uthi awavulwe amasonto

UDonald Trump uzame ukukhuphula isibalo sabantu abamthandayo ngokuthi amasonto kumele avulwe ngempelasonto.

Siyehla isibalo sabashonayo eAfrika

Inhlangano yezempilo yomhlaba wonke ithi izinga lokushona kwabantu ngegciwane le-corona eAfrika libukeka lingasakhuphuki kakhulu uma kuqhathaniswa nezinye izinxenye zomhlaba.

Abathatha imfucuza balwa ne-Covid

Bangabonakala njengabantu abahudula izinqola bethatha imfucumfucu ezitaladini enihlala kuzo. Kepha manje laba besilisa nabesifazane bayasiphephisa ngokumelana ne-Covid-19.

I-Covid-19 imandla kwababhemayo

Odokotela babika ukuthi ababhemayo kungenzeka babe nezimpawu ezibucayi ze-Covid-19.

Akukho semthethweni ukushawa ngamaphoyisa

Ngemuva kokuthi uCollins Khosa kusolwe ukuthi washaywa wacishe wabulawa ngamasotsha e-SANDF, inkantolo yayala ukuthi kumele kushicilelwe imihlahlandlela yokusebenzisa amandla ngesikhathi somvalelo.

Kubulawe amadoda ayisikhombisa

Amadoda ayisikhombisa adutshulwe abulawa-esendlini eMsahweni, eningizimu yeTheku, ngoLwesithathu ebusuku.

Abafana bakhanyisa i-Alex ngomculo

Izingane zihambela izitaladi sase-Alexandra ngomvalelo zijabulisa abantu abahleli emakhonini. Abakwenzeli imali-bakwenza ngothando.

Izibalo ezintsha ze-Coronavirus zinyukile

NgeSonto iNingizimu Afrika iqophe ukwenyuka kwezibalo eziphezulu zabantu asebenegciwane le-Covid-19: izibalo eziyi-1 160 ngosuku olulodwa.

UThabane akafuni ukwehla esikhundleni

UTom Thabane, uNdunankulu waseLesotho osolwa ngokubulala, uyanqaba ukwehla esikhundleni.