Kuzodingeka amathuna amaningi kuleli

Njengoba isifo se-Covid sanda, uNgqongqoshe wezempilo uZweli Mkhize utshele amadolobha aseNingizimu Afrika ukuthi athole izindawo ezizoba ngamathuna okungcwaba abantu abaningi.

UMkhize uyale ngoMsombuluko ukuthi “omasipala abakhulu njenge-Metropolitan nabesifunda kumele baqinisekise ukuthi baveza izindawo ezingasetshenziselwa imingcwabo emikhulu uma kungenzeka kube nesidingo”.

UNgqongqoshe uthe njengoba kushonwa kangaka ngenxa ye-Covid-19, uhulumeni uzongenelela uma izidumbu zingafunwa yimindeni kungakapheli izinsuku ezimbili.

Uma lezi zindawo ezigcina izidumbu zingasakwazi ukuqhubeka nalokho, “uhulumeni uzongenelela ukungcwaba abantu abaningi”.

Sekushone abantu abangama-481 eNingizimu Afrika, lesi sibalo sesiphindeke kabili kulezi zinsuku eziyi-11 ezidlule.

Izihloko zakamuva