Amadoda ayisikhombisa adutshulwe abulawa-esendlini eMsahweni, eningizimu yeTheku, ngoLwesithathu ebusuku.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal u-Brigadier Jay Naicker utshele abezindaba ze-News24 ukuthi omakhelwane bezwa ukuqhuma kwesibhamu kuleli khaya ngehora lesithupha ntambama.
“Sithole izidumbu zamadoda ayisikhombisa aneminyaka ephakathi kwama-21 nama-36 ubudala, kwelinye lamakamelo,” usho njalo.
“Onke lamadoda ayisikhombisa abenamanxeba okudutshulwa ekhanda.
“Siyacela noma yimuphi umuntu onanoma yiluphi ulwazi asithinte kwa-Crime Stop kulenombolo ethi 08600 10111.”