Siyehla isibalo sabashonayo eAfrika

Inhlangano yezempilo yomhlaba wonke ithi izinga lokushona kwabantu ngegciwane le-corona eAfrika libukeka lingasakhuphuki kakhulu uma kuqhathaniswa nezinye izinxenye zomhlaba.

EAfrika sekubikwe isibalo sabantu abangaphezu kwezi-100 000 asebenegciwane, kanti abangama-3 100 sedendulele kweliphakade. Izinga lokushona kwabantu liphansi, isibonelo nje iseYurophu, lapho sekushone abantu abacishe babe yizi-5 000 kusuka kwabayizi-100  000.

Isizathu kungaba isibalo esiningi sabantu abasha, njengoba lesi sifo sishaya kakhulu abadala.

Kodwa ukusweleka kwezinsiza kuhlola kwamanye amazwe yikho okwenza kubenzima ukuqopha isiphetho esiqondile.

Izihloko zakamuva