Amaphoyisa ase-Namibia ahlawulise umengameli nabanye osopolitiki abaphezulu ngokwephula imithetho yomvalelo.
Umbuthano ophule imithetho bekungoweqembu elibusayo i-SWAPO ngenkathi behlangene emcimbini wokugubha iminyaka engama-60 selokhu kwaba khona leli qembu ephalamende.
Abasolwa kubandakanya umengameli wase-Namibia, uHage Geingob, iphini likamengameli kanye nondunankulu.
Lo mcimbi ubuvele kumabonakude kanye nasekhasini leqembu ku-Facebook – ngakho-ke bekungekho nzima ukuthola ubufakazi.
“Asitholakalanga sisohlangothini olufanele lwemithetho. Bekumele sivume ukuthi sinecala futhi sijezisiwe, sakhokha,” uMengameli uGingob utshele isithangami sabezindaba ngoLwesine.
Abephula umthetho ngamunye bahlawuliswa izinkulungwane ezimbili zamarandi- R2000.