Izibalo ezintsha ze-Coronavirus zinyukile

NgeSonto iNingizimu Afrika iqophe ukwenyuka kwezibalo eziphezulu zabantu asebenegciwane le-Covid-19: izibalo eziyi-1 160 ngosuku olulodwa.

Iphesenti elingama-76 labantu asebenegciwane litholakale e-Western Cape.

Lokhu kwenziwa ukuthi i-Western Cape ihlole abantu abayizi-21 314 emahoreni angama-24 adlule.

Sekuqinisekiswe isibalo sabantu abanegciwane abayizi-15 515. Abantu abangama-264 sebebulewe yileli gciwane lapha eNingizimu Afrika, kwathi abayizi-7 006 sebeluleme.