Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Impi ephakathi kukaNgqongqoshe wezokuBusa nokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal kuthiwa ibambezele ukugcotshwa kweNkosi uMalusi Zondi ngaphansi kwezigaba zomthetho wobuHoli boMdabu.
Imithombo idalula ukuthi uNgqongqoshe uThulasizwe Buthelezi akasayingeni nhlobo Indaba yokunikeza Zondi isitifiketi sokuba Inkosi.
“Ngendlela uButhelezi angasayingeni ngayo indaba kaZondi usevele wangayigqiza qakala ngisho Indaba yakhe yokuba INkosi njengoba nasesitatimendeni ayemubiza ngoMnumzane hhayi ngeNkosi yesizwe. Okuxakayo ukuthi uButhelezi ngesikhathi kusanda kuqokwa uZondi njengoShansela weSilo, wavuma ukuthi uzomnikeza isitifiketi esinikezwa amanye amakhosi uma egcotshwa kodwa manje akasayikhulumi nhlobo,,” kusho umthombo ocele ukungadalulwa nangengozi.
Kuthiwa ingxabano inkulu kakhulu phakathi kukaZondi noButhelezi ngemumva kwezinsolo zokuthi uZondi ubebandakanyeka enkohlakalweni yenkampani okuthiwa ivulwe ngegama leSilo eStandard Bank nokuthiwa bekungena izigidi zamarandi bese zikhishwa ngokushesha kukhokhelwe abantu abangaqondakali.
Kuthiwa lokhu kwavela emhlanganweni weSilo nabakwaStandard Bank noButhelezi nowenzeke uZondi esesibhedlela.
Kodwa iSilo sakuchitha lokhu sathi akulona iqiniso futhi nenkampani eshiwoyo iyiNPC.
Okhulumela uZondi okunguMnuz Wonderboy Jaca uthe baselinde uMnyango mayelana nokunikeza uZondi isitifiketi.
“Empeleni uMnyango awuzange usibekele isikhathi ukuthi isitifiketi uzosikhipha ngemumva kwezinsuki ezingaki. Ngabe kungcono ukuba wacacisa ukuthi izinsuku zokukhipha isitifiketi ziyoba isikhombisa noma inyanga ngabe siyazi ukuthi kuzokwenzeka nini,” kusho uJaca.
UButhelezi ethintwa iScrolla.Africa ukuba aphendule ngalolu daba utshele intatheli ukuthi ayiyobuza uNododile Ndamase obesebenza ePrivate Office yeSilo.
“Buza uNododile Ndamase angithi nguye uMphathi wakho,” kusho uButhelezi.
