Lubhalwe nguNontokozo Gemani
UTebogo Motlana kanye namavolontiya akhe bathenge amathuluzi abo futhi bengalutholi uxhaso iminyaka ngaphambi kokuthi idolobha lizibandakanye.
Bangaphezu kuka-50 abasebasha abahlala eTsakane ababhalisele ukusiza umphakathi bahlanzr indawo yabo ngomhlaka-10 kuNhlangulana ka-2026.
Ezindaweni eziningi, uphawu lokwamukela olutshela izivakashi ukuthi zifike endaweni ethile ekhethekile. Kodwa e-Tsakane, uphawu oluthi “Siyakwamukela e-Tsakane” ku-Extension 1 luxoxe indaba ehlukile.
Kwaphela izinyanga le ndawo igcwele udoti wezimoto ezidlulayo nabantu abebehamba belahla amathini angenalutho, amabhodlela eziphuzo, opulasitiki, ama-takeway namaphepha ashwabene. Omunye udoti uphephuka usuka ezindaweni eziseduze zokulahla udoti.
Yilokho okuphushe uTebogo Motlana, ongumgqugquzeli wohlelo iTsakane Clean and Green, ukuthi athathe isinyathelo.
NgoNdasa, uhole umkhankaso wokukhuculula okokuqala ma-2026 ehambisana namavolontiya uJerry Mongwe noThulani Ngcongwane. Bobathathu beza nawabo amagilavu, izikhwama zikadoti namaraki. Umuntu angamazi owayedlula wama wasiza imizuzu engu-30, wabe eseqhubeka ehamba.
“Sithe sisahlanza kwaqhamuka owesilisa obedlula lapho wasisiza cishe imizuzu engu-30 nokwasisiza kakhulu,” kusho uMotlana.
Iqembu lasebenzisa imishini yalo ngoba lihlale lisebenza kanjalo. Kusukela uMotlana aqala lolu hlelo ngo-2009, amavolontiya azithengele awawo amathuluzi futhi awalutholi uxhaso.
Lokho kwashintsha ngemva kokuhlanza ngoNdasa. UMotlana waya eHhovisi Lezempilo Ezemvelo Ekurhuleni, ebona ukuthi ukuphathwa kukadoti nokufundisa ngezempilo emphakathini kungaphansi kwegunya likamasipala. Kwasiza ukuthi azi othile lapho, owayengumfundi waseNyuvesi yaseGoli owayephambili ngonyaka owodwa ngaphambi kwakhe.
Ihhovisi manje selihlinzeka ngezinto zokusebenza, lisusa imfucuza ngemva kokuhlanza futhi lisiza ukuhlonza izindawo ezithinteka kakhulu ngokulahlwa kwemfucuza.
UMotlana, ongungoti kwezeMvelo, waqala uhlelo lokulahla udoti ngokungemthetho ngo-2009 ngesikhathi esiza ukususa indawo evulekile eduze kwebandla iDutch Reformed Church ekhoneni likaHlakwana noQwathi Street.
Kusukela lapho ubelokhu ecindezela izakhamuzi ukuthi ziziqhenye ngendawo ezikuyo.
Umkhankaso mkhulu. Abesilisa nabesifazane abasebasha abangaphezu kuka-50 manje sebebhalisile, kanti uhlelo olulandelayo lokuhlanza luzokuba ngomhlaka-10 kuNhlangulana.
Ithimba lisebenzisana nezikole, amasonto kanye namaqembu omphakathi, lifundisa izakhamuzi ngokulahlwa kwemfucuza ngendlela efanele.
“Sifuna abantu banakekele imvelo yabo basize ekwenzeni iTsakane ihlanzeke, iphephe futhi ibe nempilo kuwo wonke umuntu,” kusho uMotlana.
Esithombeni esingenhla: Amavolontiya avela ohlelweni lwe-Tsakane Clean and Green ukusika utshani obukhule ngokweqile kanye nodoti eduze nophawu lokwamukela i-Tsakane Esandisweni 1.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe
