UMbali Shinga uvimba uSomlomo ngenkantolo ukufungisa uBarnes

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi uNksz Mbali Shinga uyolwa enkantolo ukuvimba uSomlomo uNksz Nkntembeko.Boycr ukuba afungise uMengameli weNFP uMnuz Ivan Barnes.
Lokhu kulandela ukuthi uSomlomo ethathe isinqumo sokukhipha uNksz Shinga eSishayamthetho ukuze adedele uBarnes ukuba azovala iskhala sakhe.

Ukugudluzwa kukaNksz Shinga eSishayamthetho kuza ngemumva kokuba isigungu seNFP sokudluliswa kwamacala sinqume ukuba axoshwe eqenjini naseSishayamthetho ngemumva kokugoloza ukuvota neMKP ukuba ithathe izintambo zombuso eKZN.

Ekhuluma neScrolla.Africa uthe umatasa nabammeli bakhe ukuba baphuthume enkantolo ngoLwesibili ekuseni ukuze uSomlomo angafungisi muntu esikhaleni sakhe.

“Okwamanje ngisayilunga lesiShayamthetho njengoba ngifaka isicelo esiphuthumayo eNkantolo ukuba ngingagudluzwa nokuthi uSomlomo angakwazi ukufaka omunye umuntu. Okunyeke udaba lwami aluphelile ngoba phela isigaba sokugcina esisele ingungquthela kazwelonke okuyiyo okumele manje ilusingathe njengoba ikomiti lokudluliswa kwamacala eqenjini seliqedile,,” kusho uNksz Shinga.

Uthe okumjabulisayo ukuthi sekuyavela manje ukuthi umuntu obebhebhezela yonke lento nguye futhi osefuna ukuzongena eSishayamthetho.

“Ungaba kanjani umdlali uphinde ubenguNompempe? Lokho nje kukodwa akunamqondo nje ophusile,” usho kanje.

UNksz Shinga kwathi ngomhlaka-15 kuZibandlela wagolozela umyalelo weqembu lakhe wokuvota neMKP ne-EFF.


Lokhu kwamcasula kakhulu uMengameli uBarnes njengoba ayefuna kuvotwe neMKP ukuze kuketulwe uHulumeni we-ANC,IFP,DA nayo iNFP.

UNksz Shinga uthi noma uBarnes angaphumelela kulokhu akufunayo ukungena eSishayamthetho kodwa akuzukusiza ngalutho ngoba izinombolo uma sekuvotwa zizolingana kube u-40/40 nxazonke bese kubanzima ukwakha uHulumeni.

Izihloko zakamuva