Ezemidlalo

IGibhithe iklomelise uPitso Mosimane njengomqeqeshi ovelele emhlabeni

Umqeqeshi we-Al Ahly osewine izindondo kulandelana uPitso Mosimane, ukhumbule indlela umama wakhe ayemfundise ngayo yokuthi agxile emsebenzini awenzayo ashiye abantu behlulela.

Ingxabano ngenxa yama-tracksuit ishiye iRoyal AM ingenamqeqeshi

UFloyd Mogale useshiye iRoyal AM ngaphansi kwezimo ezingaqondakali.

Kusele amaphuzu amabili nje vo ukuthi iPirates idlulele kowe-CAF!

I-Orlando Pirates idinga ukunqoba umdlalo owodwa nje ukuthi idlulele kuma-quarter-final e-CAF Confederation Cup.

Umbuzo onzima obhekiswe kuBayern

Ngabe iBayern Munich ingabuyela esimeni sayo futhi idlulele kowandulela owamanqamu e-UEFA Champions League?

Usuku olukhulu ebholeni laseNingizimu Afrika: amaqembu amabili akuleli adlulele kuma-quarter-final e-CAF

Okokuqala ngqa emlandweni we-CAF Champions League ukuthi elakuleli lizomelwa amaqembu amabili kuma-quarter final kule sizini.

Izifundo ezinzima ezafundwa kule nhlekelele

USihlalo weqembu leKaizer Chiefs, uKaizer 'Chincha Guvula' Motaung, ukholelwa ekutheni kuningi okwafundwa ngenhlekelele eyenzeka e-Ellis Park mhla zi-11 ku-Mbasa kowe-2001 - eminyakeni engama-20 edlule.

IBanyana isemathubeni okuklonyeliswa kowe-CAF

Nakulokhu umdlali wasemuva weBanyana Banyana, uNoko Matlou, kuphinde kwamhambela kahle ngesikhathi eshaya amagoli amabili benqoba ngo 3-1 bebhekene neZambia ngoMgqibelo.

Kwesinye isikhathi ukwehlulwa kuyadingeka – kusho uGuardiola

UPep Guardiola uchaze ukuhlulwa okwethusayo kweManchester City ngesikhathi ibhekene neLeeds United njengokuvuka emaqandeni.

AmaZulu afuna ukunciphisa igebe phakathi kweDowns

Umdlali wasesiswini waMaZulu, uMakhehleni Makhaula, ukholelwa ekutheni ukunqoba uma sebebhekene neStellenbosch kuzosiza ekunciphiseni igebe leMamelodi Sundowns kowe-DStv Premiership.

Umgadli ovelele uKylian Mbappe uphinde wagadla

UKylian Mbappe uqhubeke nokuzimisela kwakhe ngesikhathi eshayela iParis Saint-Germain amagoli aholele iqembu ukuba libe ngompetha bomdlalo kowe-UEFA Champions League ngoLwesithathu ebusuku.

Recent articles