Ingxabano ngenxa yama-tracksuit ishiye iRoyal AM ingenamqeqeshi

Linda Ximba

UFloyd Mogale useshiye iRoyal AM ngaphansi kwezimo ezingaqondakali.

UMogale uyavuma ukuthi ubengawagqokile ama-tracksuits kodwa wathi akayithandi indlela umphathi alusingathe ngayo lolu daba.

“Angikuthathi kahle ukuthethiswa,” kusho uMogale.

Ithimba le-GladAfrica, iRoyal AM liphethwe ngusomabhizinisi wesifazane ovelele, uShawn Mkhize.

Umdlalo wakhe wokugcina ephethe ubungoMgqibelo lapho abadlale khona ngokulingana ngo 1-1 neFree State Stars e-Bethlehem.

UMogale, owake wasebenza ezinhlakeni zokuthuthukisa iMamelodi Sundowns nakwiBidvest Wits, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ube nengxabano nesikhulu seqembu uSinky Mnisi, ngaphambi komdlalo ngoba ubengawagqokile ama-tracksuits.

Ngesikhathi ecelwa ukuba aphawule, uMnisi akushilo nje ukuthi ngokwazi kwakhe umqeqeshi umisiwe.

Ngokwesimo se-log, iRoyal ibekwe endaweni yesihlanu ku-log ngamaphuzu angama-33, okungamaphuzu amahlanu abasele emuva ngawo kubaholi be-log iRichards Bay.

Iqembu likaShawn Mkhize linethuba lokuthola ukukhushulelwa “ezweni lemali noju” ngama-play-offs kodwa bazodinga ukuthola umqeqeshi onekhono ozobakhombisa indlela.

Isithombe: @RoyalAM