Timmy T Maranda
USihlalo weqembu leKaizer Chiefs, uKaizer ‘Chincha Guvula’ Motaung, ukholelwa ekutheni kuningi okwafundwa ngenhlekelele eyenzeka e-Ellis Park mhla zi-11 ku-Mbasa kowe-2001 – eminyakeni engama-20 edlule.
Lesi sigameko sachazwa njengesehlakalo sezemidlalo esimbi kunazo zonke ezake zenzeka eNingizimu Afrika, okwaholela ekufeni kwabalandeli abangama-43, ngesikhathi betheleka ngobuningi enkundleni yomdlalo we-Soweto Derby owawuphakathi kweKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates.
Ngokwemibiko yangaleso sikhathi, inkundla yayigcwele phama ngesikalo sayo sabantu abayi-60 000 kodwa abanye abalandeli abayi-30 000 bazama ukungena ngempoqo.
UMotaung uthe umkhakha webhola usuthathe amagxathu amaningi selokhu kwenzeka le nhlekelele.
“Njengomphakathi webhola kuningi esikwenzile futhi sifunde izifundo eziningi kule nhlekelele eyishwa,” kusho uMotaung etshela i-PSL Media.
“Ngicabanga ukuthi izifundo esizifunde kulowo mdlalo empeleni zisisheshisile ukuthi sikwazi ukuqinisekisa ukuthi izimpilo zabantu kumele zibekwe phambili uma sinemidlalo emikhulu kangaka.”
Usihlalo waMakhosi uzwakalise ukugculiseka kwakhe ngokuthi kuze kube namuhlanje asikaze sibe nomdlalo obungadala enye inhlekelele.
UMotaung uthumele umyalezo wakhe wenduduzo emindenini eshonelwe.
“Sithandezela ukuthi bathole amandla futhi siyethemba nokuthi imindeni iyakwazi ukubhekana nalokhu,” esho.
“Egameni leKaizer Chiefs Football Club kanye neqembu lebhola lezinyawo lilonke, lolu suku luzohlala luwusuku olubaluleke kakhulu ezimpilweni zethu futhi siyabonga ngoxhaso.”
Isithombe: @KaizerChiefs