IGibhithe iklomelise uPitso Mosimane njengomqeqeshi ovelele emhlabeni

Linda Ximba

Umqeqeshi we-Al Ahly osewine izindondo kulandelana uPitso Mosimane, ukhumbule indlela umama wakhe ayemfundise ngayo yokuthi agxile emsebenzini awenzayo ashiye abantu behlulela.

Lo mqeqeshi owake waba ngumqeqeshi weBafana Bafana ubedlulisa amazwi okubonga ngemuva kokuhlonishwa nge-Best Coach Award evela ku-Egypt Sports Critics Association emcimbini wabo waminyaka yonke wokuklomelisa ngoMgqibelo.

Lo mklomelo ohlonishwayo uvotelwa abezindaba.

Ebhala kwi-akhawunti yakhe ku-Twitter, uMosimane uthe: “Umklomelo wami wesibili ezinyangeni eziyi-7. Ngiyabonga ku-Al Ahly (abadlali, ezobuchwepheshe, abasebenzi, abasekeli bethu noMengameli uKhatib namalungu ebhodi yakhe, kanye nomndeni wami).

“Umama wami, ongowakwaKhoza, ungifundise ukuthi, ‘Mintirho Ya Vulavula’ bese uyekela abanye  ukuba bakhulume. Isisho sesi-Xitsonga esithi “Mintirho ya vulavula” sisho ukuthi “Izenzo ziyakhuluma”.

Selokhu afika ezweni elisenyakatho ne-Afrika ngoMandulo nyakenye, uMosimane usenqobe izindebe ezintathu ne-Al Ahly. Lezo ndebe kubalwa eye-Premier Cup, i-Egypt Cup kanye ne-CAF Champions League.

Ngaphambi kokuthatha umsebenzi onzima kuleli zwekazi, uMosimane wayenikwe umklomelo wokuba ngusihlalo we-PSL, ubefunwa ngabomvu ngemuva kokuhola iqembu lakhe langaphambilini iMamelodi Sundowns ekuphumeleleni kathathu.

Picture source: @TheRealPitso

Izihloko zakamuva