Ezemidlalo

Abadlali abasebancane bama-Proteas bayilungele imidlalo

Abadlali abasebancane esikwatini sama-Proteas kuzofanele basukume ngokushesha njengoba belungiselela iNdebe yoMhlaba ezoba ngowezi-2021 nowezi-2022 ye-ICC Men's Twenty20, kanye ne-ICC Men's World Cup ngowezi-2023.

Umqeqeshi weBafana uphoqeleke ukuthi enze izinguquko eqenjini

Umqeqeshi weBafana Bafana uMolefi Ntseki uphoqeleke ukuthi enze izinguquko ngemizuzu yokugcina eqenjini lakhe.

Isina muva liyabukwa

Okokuqala ngqa kule sizini uGavin Hunt angalala ubuthongo obunokuthula ngemuva kokugcina enqobe i-Soweto Derby. NgeSonto, Amakhosi athathe amaphuzu aphezulu ngemuva kokushaya i-Orlando Pirates ngo-1-0 e-FNB Stadium.

UHunt neqembu lakhe bakulungele ukubhekana nePirates

Kunesisho ebholeni esithi, "Ayisho lutho imidlalo edlule".

UKlopp uyakuvuma ukwehlulwa kweqembu

Umphathi weLiverpool uJurgen Klopp uthi, ‘kubukeka sengathi’ iqembu lakhe angeke linyukele esicongweni sendawo yesine kwi-English Premier League kule sizini.

Umqeqeshi weSuperSport uthi abadlali bakhe babukeka bebukhali

Umqeqeshi weSuperSport United uKaitano Tembo uthi abadlali bakhe babukeka bevuselelekile futhi bebukhali ngaphambi komdlalo wabo neStellenbosch FC.

Ama-Proteas asefomini ahlule i-India

Ukaputeni wamaProteas uSune Luus uthe, iqembu lijabule ngokuthweswa isicoco sokuba ngompetha be-ODI series e-Lucknow e-India.

UMotsepe uphendukela kuKhoza ukuze athole usizo ngamalungelo okusakaza

UPatrice Motsepe kulindeleke ukuthi afune usizo ku-Irvin Khoza ekuxazululeni inkinga yamalungelo okusakaza imidlalo ye-CAF kumabonakude.

Igoli elitholwe nguMabaso ngomzuzu wokugcina lisize iPirates

UTshegofatso Mabaso ongene esiwombeni sesibili usize i-Orlando Pirates ukuba iqophe ukunqoba kwayo okokuqala ibhekene neqembu lase-Nigeria i-Enyimba kowe-CAF Confederation Cup ngoLwesithathu ebusuku.

I-Bayern Munich ne-Chelsea bazongena kwi-quarter-final ye-UEFA

Abaphethe isicoco se-UEFA Champions League i-Bayern Munich ne-Chelsea yiwona amaqembu amabili okugcina angene esigabeni sokugcina samaqembu ayisishiyagalombili kulo mqhudelwano.

Recent articles