Timmy T Maranda
Umqeqeshi uMandla Ncikazi ukholelwa ukuthi kule sizini i-Golden Arrows akudingeki ukuthi isukume noma kuliphi iqembu.
“Alikho iqembu esilesabayo. Siyawahlonipha,” kusho uNcikazi.
I-Golden Arrows esefomini izobhekene ne-Swallows FC emdlalweni we-DSTV Premiership ngoMgqibelo e-Dobsonville stadium e-Soweto, umdlalo uzoqala ngo-15h00.
Ukunqoba kweBafana Bes’thende kuzovala igebe ngephuzu elilodwa ngemuva kwe-Mamelodi Sundowns edlala ne-Al Hilal yase-Sudan koweligi we-CAF Champions.
Iqembu likaNcikazi lisahlulwe emidlalweni emibili kuphela kwiligi kuze kube manje, lihlulwa ngamagoli amane kwamabili yi-Cape Town City lashaywa ngamagoli amabili kwelilodwa yi-Black Leopards edonsa kanzima.
UNcikazi utshele i-The Touchline ku-Radio 2000 ukuthi umdlalo wabo ne-Swallows uzoba nzima.
“I-Swallows iqembu elisezingeni. Benza kahle kakhulu futhi nomqeqeshi wabo uBrendon Trutter wenza kahle kakhulu,” kusho uNcikazi.
“Angicabangi ukuthi ukhona umuntu wakuleli obengacabanga ukuthi uma i-Swallows ibuya izokwenza kahle kakhulu. Basimangaze sonke.”
Imidlalo ye-DStv Premiership:
NgoMgqibelo:
I-Swallows FC vs i-Golden Arrows, e-Dobsonville Stadium, ngo-15h00
I-Cape Town City vs i-Baroka, e-Cape Town Stadium, ngo-17h00
I-Maritzburg United vs i-Chippa United, e-Harry Gwala Stadium, ngo-17h00
NgeSonto:
I-Bloemfontein Celtic vs i-TS Galaxy, e-Dr Molemela Stadium, ngo-15h00
Umthombo wesithombe: Facebook