Abadlali beBafana bafuna ukubuyisa isithunzi sabo

Linda Ximba

Abadlali abane abebeyingxenye yesikwati seBafana Bafana esikhishwe emidlalweni yokuhlungela i-Afcon ngesonto eledlule, bazodlala futhi ngoLwesihlanu.

UThemba Zwane, uLebogang Maboe, uThapelo Morena kanye noMosa Lebusa bazobe beseskwatini seSundowns ezodudulana ne-Al Hilal e-Al Hilal Stadium e-Omdurman – emdlalweni owandulela owamanqamu we-CAF Champions League obekelwe ukuqala ngehora le-3 ntambama.

Ezinsukwini ezinhlanu nje ezedlule, laba badlali bebeyingxenye yeqembu leBafana Bafana elishaywe kabuhlungu yiSudan enkundleni efanayo.

Akungabazeki ukuthi uZwane kanye nabalingani bakhe bazobe benesifiso sokugwema okunye ukuhlulwa ngokudlala ngokukhulu ukuzimisela.

Umqeqeshi weSundowns, uRulani Mokwena ucashunwe kwabezindaba ethi bayazi ngokungenzi kahle kwabo kodwa bazimisele ngokuwenza ushintsho oluhle.

Njengoba inqobe imidlalo emine emidlalweni yabo emine ka-Group B esidlalwe kuze kube manje, iSundowns isivele isilungele isigaba se-CAF Champions League.

Njengamanje yibo kuphela ohlangothini oluphumelele ukunqoba umdlalo ku-Group B, namanye amaqembu amathathu asedlale ngokulingana imidlalo yabo ngaphandle kokubhekana neqembu lama-Brazilians.

Khonamanjalo iKaizer Chiefs ikholwa wukuthi isenalo ithuba lokufinyelela esigabeni se-Champions League Knockout  ngokuhlula abaholi baka-Group C iWydad Casablanca ngoMgqibelo e-FNB Stadium ngehora le-6 ntambama.

IChiefs ibhaxabulwe ngo 4-0 emdlalweni obuse-Morocco kodwa isihlabani seChiefs uNkosingiphile Ngcobo ukholelwa ekutheni bangawaphendula amatafula e-Morocco uma bezilungiselela kahle.

“Ngiyathemba ukuthi singabashaya,” esho.

“Kumele siqinisekise ukuthi siyayiwina le midlalo emibili esele.”

Amakhosi asendaweni yesithathu ku-Group C, abambene ngamaphuzu amahlanu neHoroya yase-Guinea, ezizishaya isifuba ngomehluko wamagoli ongcono.

Umthombo wezithombe: @ mshishi_18 & @ Mshini_Ngcobo37

Izihloko zakamuva